I-TVET isayinde isivumelwano ne-Seta

2018-03-21 06:01
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaUNkk Nombulelo Nxesi wakwa-ETDP Seta (kwesobunxele) noNkk Ntombi Ntshangase onguthishanhloko wase-TVET College eMgungundlovu ngemuva kokusayinda isivumelwano.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaUNkk Nombulelo Nxesi wakwa-ETDP Seta (kwesobunxele) noNkk Ntombi Ntshangase onguthishanhloko wase-TVET College eMgungundlovu ngemuva kokusayinda isivumelwano.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IKOLISHI elise Mgundundlovu i-Training Vocational Education and Training (TVET) esigcemeni i-Plessislaer isayinde isivumelwano sokusebenzisana ne-Education, Training and Development Practices Sector Education and Training Authority (ETDP Seta) ezolekelela leli kolishi ngezimali.

Lesi sivumelwano sisayindwe ngoLwesine olwedlule mhla ka-8 kuNdasa (March) kulona leli kolishi kanti sizo phela ngonyaka wezi-2020.

Akukona okokuqala ukuba lezi zinhlaka zombili zisebenzisane njengoba nangonyaka owedlule zasebenzisana zasungula i-Recognition of Prior Learning neyavulwa ngokusemthethweni ngenyanga kaMbasa (April).

Ukusebenzisana kwalezi zinhlaka zombili kuchaza ukuthi i-ETDP Seta izonikela ngesamba semali esingakadalulwa nesizosebenza ukuthuthukisa leli kolishi.

UNkk Nombulelo Nxesi oyi-Chief Executive Officer (CEO) ka-ETDP Seta uthe lokhu bakwenza ngoba befuna ukukhulisa nokuthuthukisa kolwazi kothisha basemakolishi nakubafundi.

“Sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi ikolishi kukhona elikuzuzayo ezinhlelweni zethu. Sifuna ukubalekela lapho singakwazi khona ukuze nabo bezothuthuka,” kubeka yena.

UNkk Ntombi Ntshangase onguthishanhloko wekolishi utshele intatheli ye-Echo ukuthi bajabule kakhulu ngokuthi baphinde bathola elinye ithuba lokusebenzisana no-ETDP Seta.

“Sizozuza kakhulu njengekolishi kuloku sebenzisana. Okufanele sikwenze nje thina ukuthi sibale izinto esifuna ukusizwa ngazo ekolishi bese sibanikeza inani le mali ezodingeka ukulungisa lezo zinto. Into esiyibheke kakhulu ukuyenza kulonyaka ukulugisa ingqalasizinda yaleli kolishi.

“Into esijabulisa kakhulu ukuthi ukubuya kuka-ETDP Seta kukhombisa ukuthi bayasethemba ngemali. Konke lokhu kungumphumela wokuzilawula kahle kwethu ngonyaka owedlule bayabona ukuthi asidlali ngemali yabo kodwa siyisebenzisa ezintweni ezisiza nezithuthukisa ikolishi,” kubeka yena.

UNkk Ntshangase uphinde wakhuthaza amanye amakolishi ukuthi aqale afuna ukusebenzisana nezinhlaka ezahlukene kunokuhlala alinde uhulumeni ukuba awalekelele.

“Uhulumeni unezikole namakolishi amaningi awabhekile ingakho nathi sikhethe ukube sizama ukusebenzisana nezinye izinhlaka ukuze sisizakale. Ngifisa engathi namanye amakolishi engakuzama lokhu.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.