IBafana Bafana ishaye kwasani e-Zambia

2018-04-04 06:01
Abadlali beBafana Bafana emva kokuwina e-Zambia ngempelasonto.PHOTO: twitter

Abadlali beBafana Bafana emva kokuwina e-Zambia ngempelasonto.PHOTO: twitter

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IQEMBU lesizwe lobhuti abadala iBafana Bafana itshengise ukudlondlobala yize ibidlala ngabadlali abaningi abasha ngesikhathi idla umhlanganiso ekuhambeni e-Zambia.

Phela ngesonto eledlule iBafana Bafana ibidlala emqhudelwaneni obunamazwe amane (Four Nations Tournament).

Amazwe abeqhudelana lapha yi-Zambia, yi-Angola, yi-Zimbwabwe kanye noMzansi (Bafana Bafana).

Kowamanqamu uMzansi ubhaxabule iZambia ngamagoli amabili eqandeni (2-0) nokuyizwe ebelisingethe lemidlalo ezinkundleni zemidlalo i-Levy Mwanawasa.

Amagoli eMzansi ashaywe phakathi uPercy Tau noLebogang Mothiba.

Kule midlalo iBafana Bafana itshengise ukungesabi ukudlalela ekuhambeni futhi neqembu elingajwayelekile.

Izinkomba bezisobala ukuthi uMzansi ubungalindelwe ukuthi udle umhlanganiso kulemidlalo.

Owayengukaputeni weBafana nosesebenza njengomqondisi wosomasomaqhinga (technical diretor) enhlanganweni ephethe ibhola kuleli uMnuz Neil Tovey uthi umqeqeshi weqembu lesizwe uMnuz Stuart Baxter kufanele abongwe kakhulu ngoba ubelishintshe kakhulu iqembu lakhe futhi ubeqoke abadlali abaningi abasha.

“Udlalile kahle uMzansi kulo mqhudelwano, kanti abadlali bonke nomqeqeshi ngibathulela isigqoko. “Into engiyithandile ngabo wukuthi bakwazile ukudlalisa okwamaqhawe kwaze kwaba sengathi yiqembu elidala nelikade laqala ukudlala ndawonye.

“Umsebenzi wabo ube muhle kakhulu futhi-ke besingakholwa ukuthi bebebaningi abadlali abasha kuleliqembu,”kusho uMnuz Tovey. Losomaqhinga uthi ukunikwa kwabadlali abasha ithuba kuchaza ikusasa eliqhakazile futhi iqembu lesizwe kufanele libe likhulu.

“Yizindaba ezinhle lezo, lokhu phela kuchaza ukuthi baningi abadlali esizosebenza ngabo, ikakhulukazi abancane.”

Kanti nomunye futhi umdlali osabeka amakhokho akhe emgibeni nowake waba ngukaputeni weBafana Bafana uMnuz Lucas Radebe usincomile isenzo sikaMnuzn Baxter sokunika abanye abadlali abancane ithuba.

IQEMBU lesizwe lobhuti abadala iBafana Bafana itshengise ukudlondlobala yize ibidlala ngabadlali abaningi abasha ngesikhathi idla umhlanganiso ekuhambeni e-Zambia.

Phela ngesonto eledlule iBafana Bafana ibidlala emqhudelwaneni obunamazwe amane (Four Nations tournament).

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.