IBafana Bafana izodlalela isithunzi sayo

2016-08-31 06:00

YIZE iBafana Bafana ingaphumelelanga ukuba yingxenye yamaqembu ayoncintisana kowe-Africa Cup of Nations ngonyaka ozayo, leliqembu lisazimisele ngokudlala ngokuzimisela uma libhekene namanye amaqembu ase-Afrika.

I-Bafana Bafana izobhekana neMauritania ngoLwesihlanu mhlaka 2 September kweminye yemidlalo ewuchungechunge yamazwe akade ezamela ukuya kwi-Africa Cup of Nations ngonyaka ozayo.

Lomdlalo uhlelelwe ukuthi ube seNelspruit, eMbombela Stadium.

Kuzokhumbuleka ukuthi lomdlalo awusachazi lutho ngoba ukwenza kwasihlula saze sancama. Kafushane nje lokhu kuchaza ukuthi iBafana Bafana angeke ibe yingxenye yomqhudelwamo we-Africa Cup of Nations ngonyaka ozayo.

Noma imizwa yabathandi baseMzansi ihlukene futhi basezwakala ukuthi basadiniwe ngokwehluleka kwezwe labo, kodwa umqeqeshi weBafana Bafana uEphraim “Shakes” Mashaba uthi yena usabona kubalulekile ukuthi izwe lidlalise okwamaqhawe. UMashaba uyavuma ukuthi uMzansi ushaye into ephansi ngohluleka ukuya kwi2017 Africa Cup of Nations eyobe idlalelwa eGabon kodwa uthe lokhu akuchazi ukuthi sekuphelile ngebhola lezwe lethu.

Uthi abantu balelizwe abacabange ngekusasa noma bazibuze ukuthi kuyobe kwenzekani eminyakeni emibili noma emihlanu ezayo.

“Mina kuyangithusa uma ngizwa abanye abantu bethi ayisekho into esisayidlalela ngoba sesihlulekile ukuya kwi 2017 Africa Cup of Nations. Lapha kufanele sakhele ikusasa lebhola lethu nokuthi phela masingakholwa ukuthi sakhela ikusasa, yingakho ngithi-ke mina sizodlala ngokuziqhenya futhi njengamaqhawe,”kusho uMashaba.

Emva kwalomdlalo oyobe useNelspruit, iBafana Bafana iyobe isidlala namaGibhithe (Egypt) emqhudelwaneni waminyaka yonke lapho okusuke kuhlonishwa ngawo iqhawe lezepolitiki yalelizwe nowaba uMongameli wokuqala omnyama uDkt Nelson Mandela. Lomdlalo walezingwazi uzodlalelwa e-Orlando Stadium eSoweto ngo 7 ntambama. Ukukhuluma kukaMashaba kutshengisile ukuthi uzimisele ngento ayikhulumayo ngendlela nje akhethe ngayo isikimu sakhe esizodlala lemidlalo.

Sebebonke abadlali bangamashumi amabili nanhlanu, kanti selilonke iqembu limi kanje.

Goalkeepers: Itumeleng Khune, Jackson Mabokgwane and Reyaad Pieterse.

Defenders: Ramahlwe Mphahlele, Rivaldo Coetzee, Thulani Hlatshwayo, Abbubaker Mobara, Sifiso Hlanti, Tebogo Langerman, Clayton Daniels and Denwin Farmer.

Midfielders: Dean Furman, Andile Jali, Deolin Mekoa, Mandla Masango, Thapelo Morena, Keagan Dolly, Aubrey Modiba, Mpho Makola and Hlompho Kekana.

Strikers: Gift Motupa, Thamsanqa Gabuza, Sibusiso Vilakazi, Tokelo Rantie and Prince Nxumalo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham

Here are just ten of our favourite plus-sized models:

 
 

You won't want to miss...

WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content these holidays
5 top leg exercises for men
10 best dressed men of 2017
How to open a beer bottle without an opener
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.