Ibandla licela usizo ngendlu yesonto

2019-03-13 06:01
ISITHOMBE: sithunyelweIndlu yesonto eyakhiwe yangaqedwa.

ISITHOMBE: sithunyelweIndlu yesonto eyakhiwe yangaqedwa.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IBANDLA i-Holy God Church of Christ elisendaweni yaKwaMafunzwe e-Elandskop lithi licela usizo kunoma ubani ongalilekelela ekutheni likwazi ukuphothula indlu yalo yesonto eliqale ukuyakha ngonyaka owedlule.

Laba bazalwane abalinganiselwa kwabangama-60 sekuphele iminyaka engama-20 bekhonzela endlini esemzini womuntu ngoba bengenayo indlu yabo yesonto abangakhonzela kuyona.

UMnu Nkosinathi Mtolo oyilunga laleli bandla uthe indlu akade bekhonzela kuyo nabasaqhubeka ukukhonzela kuyona namanje isemzini womuntu ongomunye wamaluga ebandla.

Ekhuluma ne-Echo uthe ngonyaka owedlule basukumile beyibandla bahlanganisa bazama ukwakha indlu yabo yesonto kodwa manje isimile ayisaqhubeki ngoba abasenayo imali yokuqhuba umsebenzi.

“Inkinga esibhekana nayo kakhulu njengoba sikhonzela emzini womuntu ukuthi uma ngabe kukhona umcimbi okanye isifo esivelile asikwazi ukukhonza ngoba kusuke kufuneka ukuthi sibanikeze isikhala sabo nabo.

“Enye inkinga esibhekana nayo ukuthi uma ngabe amalunga esonto ekhona wonke esontweni ngalelo langa kuba khona inkinga yokuthi abanye abazalwane bagcina sebekhonza beme emnyango ngezinyawo ngoba indawo incane,” kubeka yena.

Uqhube wathi akudingi ukuthi umuntu osizayo aze abanikeze imali kodwa angabanikeza izinto zokwakha.

“Indlu yethu yesonto isishoda ngophahla kuphela nje.Noma umuntu usengasinikeza noma okokuvala phezulu ukuze nathi sizokwazi ukuthi sikhonze kahle njengabo bonke abazalwane.”

Noma ubani ongathanda ukusiza angathinta uMnu Mtolo enombolweni ethi: 076 341 8480.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.