Ibandla licije intsha ngolwazi olukhaliphile

2017-07-05 06:00
                                                                                       ISITHOMBE:SithunyelweIntsha yase African Gospel Church ithole ithuba lokufunda ngokuphathwa, ukusetshenziswa, ukongiwa kanye nokutshalwa kwemali.

ISITHOMBE:SithunyelweIntsha yase African Gospel Church ithole ithuba lokufunda ngokuphathwa, ukusetshenziswa, ukongiwa kanye nokutshalwa kwemali.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INTSHA yase African Gospel Church yase Edendale ibuthane emagcekeni aleli sonto ngomhlaka 16 Juni ukuzofundiswa nokucijiswa kabanzi ngezinhlelo zokuzithuthukisa. Izihloko ebekugxilwe kuzona kubalwa ezempilo, imikhakha yezemfundo, ukuphatha imali ngendlela efanele, kanye nokuziphilisa ungaqashiwe. Lezi zihloko bezigxile kakhulu entsheni njengoba bekugujwa usuku lwentsha kuzwe lonke. Ibandla i-African Gospel Church lizimisele ngokuthuthukisa abantu abasha njengoba belingaqali ukwenza umcimbi ofana nalona.

Lo mcimbi ubuhanjelwe ngowayengu Ngqongqoshe wezeZimali uMnu. Nhlanhla Nene, owethulwe nguMnu. Phindani Ngcongo ongumphathi wabasha ebandleni. UMnu. Nhlanhla Nene ufundise kabanzi ngokuphathwa, ukusetshenziswa, ukongiwa kanye nokutshalwa kwemali, okufanele kwenziwe ngabantu abasha. Ubeke kanje: “Njengentsha yase African Gospel Church kumele nizibambe ziqine, nisungule amabhizinisi nikwazi ukuzimela,” kusho uNene.
Intsha ithole ithuba eliyingqayizivele lokuphonsa imibuzo kuMnu. Nhlanhla Nene.

Umama-Mfundisi Zulu ufundise ngezempilo nenhlanzeko, ethi abantu abasha mabazinakekele, bahlale njalo behlanzekile. Ube esexwayisa ngezifo ezifana noshukela, i-BP, ingculazi, isifo sohlangothi, nezinye.
Umama-mfundisi uphinde wakhuthaza abantu abasha ukuthi mabahambe beyohlola emitholampilo eseduzane nasemakhaya.

Ezinye zezikhulumi kubalwa uMlondi Majola obethula izindaba zemikhakha yemisebenzi ehlukahlukene kubantu abasha kanti uMfundisi Zulu uxwayise ngobugebengu nobungozi bezidakamizwa entsheni. UMnu. Mhlengi Mbhense naye ukhuthaze intsha ukuthi nakuba bengasebenzi kepha makube khona imizamo, ehloniphekile, yokuzenzela imadlana yokuziphilisa.

Uhlelo lonke losuku luhambe kahle njengoba beluqhutshwa uMnu. Sizwe Mthembu onamava ekuphathweni kwezinhlelo zebandla.
UMholi waleli bandla, uMfundisi uMakhaye, udlulise amazwi okubonga kubona bonke akade bethula izinkulumo kanti uZama Skhosana, osekomitini labahleli bomculo ubonge kubaphathi benkonzo ngokuhlela umcimbi obe yimpumelelo, ebonga egameni labasha.

Izinhlelo ezifana nalezi zokugqugquzela intsha ziyancomeka futhi zikhuthaza intsha ukuba ikwazi ukuzimela ukuze impilo iqhubeke iye phambili.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

Men.24 Model of the Week: Wendy from Cape Town

Find out more about our featured model, Wendy from Cape Town

 
 

You won't want to miss...

Who are the highest paid models of 2017?
10 gorgeous plus-sized models who aren't Ashley Graham
WATCH: Pornhub is giving users free access to premium content these holidays
5 top leg exercises for men
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.