‘IBhakaBhaka lizomkhumbula unsimbi’

2016-04-27 06:00
PHOTO: sourced  Umdlali we-Orlando Pirates wasemuva uSiyabonga “Nsimbi” Sangweni usihlalo weqembu amemezele ukuthi ngeke esakwazi ukuqhubeka adlale ngenxa yokulimala.

PHOTO: sourced Umdlali we-Orlando Pirates wasemuva uSiyabonga “Nsimbi” Sangweni usihlalo weqembu amemezele ukuthi ngeke esakwazi ukuqhubeka adlale ngenxa yokulimala.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INSIMBI edle ezinye nensimbi kayigobi beku enye nje inhlobo engatholakali kalula eMhlabeni wonke jikelele.

Noma sekuphele amasontshwana ambalwa usihlalo we-Orlando Pirates uIrvin Khoza ememezele ngokusemthethweni ukuthi isiqonqwane sesitobha esizalwa eDondotha eMpangeni, uSiyabonga Sangweni usewabeka ethala amakhokho, ngenxa yokulimala, iningi lezinsephe ezindala zisakhala ngaye.

Iningi labadlali asebathatha umhlalaphansi bathi uSangweni ubewumgogodla weqembu futhi kuzoba lukhuni ukuthola ozovala isikhala sakhe.

Owayewukaputeni weBhakaBhaka isikhathi eside kanye nakuManning Rangers, uDan Malisela okumanje oqeqesha iChippa United, uthi umdlali ofana noSangweni usazozalwa eMzansi wonke kodwa kuzothatha iminyaka ukuthi atholakale.

“USangweni ubengayena nje umdlali wasemuva noma isitobha esikade sidlala kahle noma eyisilomo, kodwa ubewumholi wokuzalwa. Ubekwazi ukuhola iqembu, ashaye amagoli noma futhi abuye abe yisibonelo esihle kuwowonke umuntu, ikakhulukazi ebadlalini abancane.

“Uzokhumbuleka kakhulu ngoba bayingcosana abadlali abafana naye,” kusho uMalisela.

Kanti nomunye owake waba ngumdlali wasemuva kwiBhakaniya futhi naye wazibamba izintambo zokuba ngukaputeni uEdward “MaGents”Motale ukhuluma aze akhihlize amagwebu ngoSangweni ethi bayabalwa abafana naye.

“Eish! Ibuhlungu indaba kaSangweni. Uyazi ukubona umdlali oyisikhokho nje ngaye ephoqeleka ukubeka amakhokho ethala ngenxa yokulimala kubuhlungu.

“USangweni ubewujikelele nelast number kwiPirates. Ukulimala nje okumkhawathile. Akekho obefana naye, ubewunsimbi ngempela,” kusho uMotale.

Isithandwa esidala samaBhakhaniya futhi naye owayengazwile emuva njengesitobha uGavin “Stability” Lane uthe uSangweni uyohlala ekhunjulwa ngendlela ekade eyiyona eqenjini. ULane ube esecela abalandeli ukuthi babekezele, baxolise nemimoya.

IBhakaBhaka kanye noSangweni bafike esinqumeni sokubeka amakhokho ethala emva kokuhlushwa ukulimala okungapholi, kanti nodokotela bamyalile ukuthi athi khumu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.