IFestivali kaMaskandi eMbali

2018-11-21 06:00
ISITHOMBE: sithunyelweUNdumiso Ngcane ongumhleli womcimbi.

ISITHOMBE: sithunyelweUNdumiso Ngcane ongumhleli womcimbi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUZOBANJWA I-Festivali kaMaskandi okokuqala ngqa eMbali.

Lo mcimbi ohlelwe yintokazi yakhona eMbali Unit 18 uNks Ndumiso Ngcane, uzobanjelwa ehholo lakuyona le ndawo ngoMgqibelo mhla zili-17 kuLwezi (November).

Lo mcimbi uzobe uqukethe izigaba ezintathu zomncintiswano wezinto zesintu okubalwa khona, unobuhle (lapho abantu bezobe bemodela khona befake izimpahla zesintu), ubuhle bentombi (lapho kuzobe kumodelwa khona ngobuhlalu) kanye nesicathamiya.

Ngokusho kukaNks Ngcane uthe sekunesikhathi ekade efisa ukwenza umcimbi ofana nalona ngenhloso yokuthi ufuna ukukhombisa izingane ezikhulela emalokishini ukuthi zingakwazi ukuzijabulisa ngaphandle kokuthi ziphumele ngaphandle zihambe ziyodansa zigcine sezicwila ophuzweni oludakayo.

“Lena ngenye yezindlela esizama ukubafundisa ngayo ngosiko lwabo ukuze bengezukukhohlwa yilapho bephuma khona. Sizobe sinabo nabantu abazofundisa ngamaciko ahlukene esintu ukuze intsha yethu izokhula iyazi imvelaphi yayo.

“Lona ngumcimbi engizoqhubeka ngiwenze minyaka yonke ukuze nentsha esakhula nayo izosizakala ifunde ngama siko ayo,” kubeka yena.

Uthe lo mcimbi awuzugcina nje kuphela ngokuba nomncintiswano kodwa kuzobe kukhona nabaculi abazonandisa okubalwa kubona nabantu abashaya ingoma kanye nezinkondlo.

Imali yokungenela umncintiswano wonobuhle u-R100 umuntu ngamunye kanti ukungenela isicathamiya u-R500 iqembu ngalinye. Noma ubani uvumelekile ukungenela lo mncintiswano okudingeni ukuthi uze ube umhlali waseMbali.

Ngeminye imininingwane ungaxhumana naye uNks Ngcane enombolweni ethi: 083 941 2680 noma ku-ndumisongcane@gmail.com

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.