Ikhansela elisha ka-ward 9

2018-11-21 06:02
ISITHOMBE: SithunyelweUNks Nontobeko Khumalo oyikhansela elisha laka-ward 9.

ISITHOMBE: SithunyelweUNks Nontobeko Khumalo oyikhansela elisha laka-ward 9.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IKHANSELA elisanda kuqokwa laka-Ward 9 ngaphansi komasipala uMsunduzi uNks Nontobeko Khumalo uthi uzimisele ukusebenzela umphakathi wakule-wadi ekuletheni intuthuko.

UNks Khumalo umenyezelwe njengekhansela elisha lakule-wadi ngoLwesine olwedlule mhla ziyi-8 kuLwezi (November) kulandela ukhetho lokuchibiyela ngoLwesithathu njengoba kwadlula emhlabeni lowo owayeyikhansela laku lendawo uMnu Mbuyiselwa Ngcobo.

Ekhuluma ne-Echo ngemuva kokuqokwa kwakhe uNks Khumalo uthe into esemqoka kakhulu kuyena ukuthi aqhubeke alethe intuthuko kanye nezidingo kubantu.

“Ngijabulile kakhulu ukuthi inhlangano yethu i-African National Congress (ANC) kuphinde kwaba iyona ekwazi ukuthi inqobe kuleli wadi.Ngiyazi ziningi izinhlangano ebezisebenza kanzima zifuna ukunqoba kodwa kwaphumelela thina.

“Ziningi izinkinga esizitholile ngesikhathi sihambela umphakathi nesizimisele kakhulu ukuthi sizilungise. Kodwa umphakathi kuzomele wazi ukuthi izinto angeke zize zenzeke zonke kanye kanye kodwa kuzoqalwa ngalezo esizibona ukuthi izona ezisemqoka. Inkinga yamanzi nje iyona okumanje esimatasa ngayo sizama ukuyilungisa kanjalo nodaba lwezindlu zemixhaso ukuze labo abanezindlu ezingaqedwanga bezokwazi ukuthi bazithole,” kubeka yena.

Uthe unethemba lokuthi bazosebenzisana kahle nomphakathi kanye nezinduna ukuqinisekisa ukuthula emphakathini. Uthe ufuna ukuthi izinduna kube izona ezingabaxazululi bezinkinga ezikhona emphakathini.

“Nomphakathi kumele ungasabi ukukhuluma nami uma ngabe kukhona izinkinga obhekene nazo.Bamukelekile ukuba bangakhuluma nami nangoma isiphi isikhathi uma ngabe bedinga usizo.Sifuna futhi ukuba kube khona izinhlaka ezimele imiphakathi kuzona zonke izigodi ezingaphansi kwalewadi ukuze kuzobe izona ezizokwengamela izinkinga zomphakathi bese bazidlulisela kuthina.”

Uphinde waveza ukuthi uyazi ukuthi kunamanye amalunga omphakathi aseMafakatini akhala ngokuthi bekungamele abe ikhansela ngoba akasiyena owaseMafakatini kodwa owakaMgwagwa. Uthe ufuna ukuqinisekisa wonke umphakathi ukuthi akekho umuntu ongeke aze ayithole intuthuko.

“Ukuthi ngiphuma kwaMgwagwa loko akusho ukuthi ngizobe ngibhekelele indawo yakhona kuphela. Ngiyikhansela laka-ward 9 okusho ukuthi zonke izindawo ezingaphansi kwale-wadi kumele ngizinakekele ngendlela okuyiyona zonke futhi,” kuphetha yena.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.