Ikhansela embangweni wendlu yomxhaso

2018-12-12 06:02
ISITHOMBE : lethiwe makhanyaUNkk Nonhlanhla Sithole ekhombisa ngamaphepha awubufakazi bendlu yakhe yomxhaso.

ISITHOMBE : lethiwe makhanyaUNkk Nonhlanhla Sithole ekhombisa ngamaphepha awubufakazi bendlu yakhe yomxhaso.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

LUSAYINDIDA udaba lwendlu yomxhaso ebihlala ikhansela laka-Ward 10 uMnuz Nkosinathi ‘TK’ Gambu njengoba sekuvele izindaba zokuthi indlu abehlala kuyona akusiyona eyakhe kodwa eyomunye wesifazane ohlwempu wakhona KwaPata.

Ngokuthola kwe-Echo kuthiwa indlu lena ebeyihlala ikhansela nekuthiwa seliqede cishe iminyaka ethi ayibe mihlanu okanye lihlala kuyona akusiyona eyalo kodwa ngeka Nkk Nonhlanhla Ngcane Sithole wakhona KwaPata.

UNkk Sithole nokumanje ohlala endlini yodaka ngoba naku engenayo indlu yomxhaso kahulumeni uthi indlu yakhe yomxhaso wayibhalisa eminyakeni eminingi eyedlule ngemuva kokuba awelwa indlu ababehlala kuyona kudala.

Uthe ngemuva kwesikhathi ehambile waya kobhalisa azange athole impendulo yokuthi kungabe uzoyithola yini noma cha kwaze kwaba uyoyibhalisela futhi ngesikhathi kuthiwa kuyabhaliswa.

Uthe sonke lesi sikhathi ubengazi lutho futhi ubengakaze atshelwe lutho ngokuthi kungabe uyayithola yini indlu okanye cha kwaze kwaba ukuthi uyalusukumela lolu daba ngokuthi ahambe aye eMnyangweni wezeZindlu nathi ilapho afike athola khona ukuthi isicelo sakhe sendlu saphumelela.

“Ngesikhathi ngiya emnyangweni bafike bagcizelela bangitshela ukuthi indlu kufanele engabe kade ngaqala ukuhlala kuyona. Ngazama ukulisukumela lolu daba ngilubika kuwona amakhansela nangesikhathi kusakhona uMnu Msawenkosi Mchunu esayikhansela naye wangithembisa ukuthi uzoyilungisa kodwa lutho.

“Ngangibanikeza ngisho ubufakazi obuvela eMnyangweni obushoyo ukuthi indlu eyami kodwa abazange bangisize. Bathatha izincwadi lezi enginazo bathi bazongisiza ngazo ukuthola enye indlu,,” kubeka yena.

Uthe sekuphele iminyanga emithathu ethole isiqinisekiso sokuthi indlu yakhe yaphasiswa.

“Ngemuva kokuba sengisitholile isiqinisekiso kwabe sekuba khona umuntu ongitshelayo ukuthi inombolo yendlu yami lena engikhala ngayo ilena ehlala ikhansela. Ngazama ukukhuluma nabo bangitshela ukuthi akukho loko kodwa udaba lwami luzokhulunywa emihlanganweni lulungiswe ukuze ngizothola indlu yami.

“Kubuhlungu ukuthi ngithi mina ngihluphekile endlini engekho esimweni ngihlupheka kodwa ikhansela lona libe lihleli endlini ekumele engabe eyami ekubeni futhi yanesebenza kahle kahulumeni.Ngifuna indlu yami ibuyele kumina ngoba ayikho enye indlu yomxhaso engiyobuye ngiyithole ngaphandle kwalena enganikezwa yona. Umoya wami ubuhlungu ngodaba lwalendlu ngoba ngangihleli ngizibuza ukuthi kungani mina ngingayitholi ngaze ngazitshela nokuthiangeke nje ngize ngivote ngoba vele ukuvota akungenzeli lutho,” kubeka yena.

UNkk Sithole uveze ukuthi bahlala bayisithupha kulendlu yodaka abahlala kuyona kanti futhi akakho osebenzayo baphila ngemali yesibonelelo sikahulumeni.

Ngesikhathi i-Echo ihambele uNkk Sithole ufike wayikhombisa isiqinisekiso esishoyo ukuthi indlu eyakhe kanti yonke imininingwane yendlu ekusona ifana naleyo yendlu ehlala ikhansela.

I-Echo iphinde yathola ukuthi uMnuz Gambu wanikezwa indlu isihlobo sakhe uNkk Fucwana Zungu noyisekela Meya lasesiFundeni uMgungundlovu ukuba ayohlala kuyona.

Ngesikhathi uNkk Zungu ethintwa ngalolu daba uvumile ukuthi vele uyena owafaka uMnu Gambu ukuthi aye kohlala kuleyandlu.

“Indlu lena ekukhulunywa ngayo kwakungeka mamezala wami ongasekho kodwa manje isibhaliswe ngesinye isihlobo sami uSbusiso Ngcobo. Nginabo bonke ubufakazi obushoyo ukuthi indlu eyasekhaya angimazi lona wesifazane osevela esethi indlu eyakhe kanti futhi ngiyafisa ukumbona. Amaphepha lawa akhuluma ngawo ukuthi unawo akhomba ukuthi indlu eyakhe angimazi ukuthi uwathathaphi ngoba amaphepha endlu wonke akhona kumina. Wonke amaphepha akuthina ngoba sasikhipha izindlu zomxhaso.

“Lendlu kade yaba khona kangangokuba ngaphambi kokuba uNathi “TK” ahlale kuyona ngangihlalisa ezinye izihlobo zethu ngoba indlu yomndeni.

Bonke ebengibahlalisa futhi bebehlala mahhala ngoba lena indlu yomxhaso kahulumeni akuvumelekile ukuba ukhokhise umuntu ngokuhlala kuyo. Indlu yomndeni leyana angeke ize iyendawo, noma engasekkho futhi uNathi engasahlali kuyona iyoqhubeka ihlale ezinye izizukulwane,” kubeka yena.

Uphinde waveza ukuthi uzomthathela izinyathelo uNkk Sithole ngokufafaza into engasilona iqiniso ngoba efuna ukungcolisa igama lakhe.

Okhulumela uMnyango wezeZindlu esifundazweni sakwaZulu-Natal uMnuz Mbulelo Baloyi uthe izindlu azabiwa umnyango kodwa zabiwa umasipala.

Umasipala awutholakalanga ukuphawula kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 

Enter the examination number or search by province or school (NSC Students) to view results.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.