Ikhuza ibuya ifestivali yemidlalo yeshashalazi

2016-07-27 06:00

UBUYE ngezinkani Umphithi theatre festival odume ngokudlisa ngethalente labalingisi beshashalazi baseMgungundlovu namaphethelo.

Ngonyaka owedlule le-festivali esungulwe iqembu laKwaPata Umphithi theatre group bekungeyokuqala ngqa kanti ibihanjelwe umlingisi wakuleli oyintandokazi womdlalo iSibaya uBheki Mkhwane.

Kulonyaka le-festivali izobanjwa mhlaka 20 no 21 ku Agasti eSukuma Comprehensive School eMbali. Ngokusho komunye wabasunguli bale-festivali uGcina Mdluli nakulonyaka bathembisa into yamehlo kanti kumanje uthe bamatasatasa bahlunga amaqembu azoba yingxenye yayo.

“Liningi kakhulu ithalente lapha eMgungundlovu, ngale-festivali sifuna ukuvundulula abalingisi beshashalazi sikhombise nabanye ukuthi bangathatha lomkhakha bawenze umsebenzi. Uma ubheka emadolobheni afana neTheku neGoli imidlalo yeshashalazi isezingeni eliphezulu futhi banezakhiwo ezithuthukisa lomsebenzi.

“Kwamanye amadolobha imidlalo yeshashalazi ithakaselwa kakhulu, sifuna nalapha eMgungundlovu ibe kulelozinga. Abantu bazi ukuthi kunezindawo abangazivakashela kulelidolobha uma befuna ukubuka imidlalo yeshashalazi.”

UMdluli uthe lefestivali inikeza abaqondisi bemidlalo abasafufusa ithuba lokuthuthukisa imisebenzi yabo. “Kulonyaka amajaji azobe ezobheka imisebenzi yamaciko aphinde awahlomise ngolwazi awalekelele nangomkhakha angene kuwona. Sinamaqembu aqhamuka eBelgium nase Germany. Umgungundlovu unamaciko amaningi anethalente ngakho le-festivali iyinkundla yokuthi amaciko azithuthukise,” kusho yena. Uqhube wathi izinga lale-festivali liyakhula kakhulu njengoba kulonyaka amaqembu ezohlomula ngomklomelo wemali kulonyaka.

Iqembu eliyodla umhlanganiso lizohlomula ngo R10 000 elizolala indawo yesibili lona lizothola uR5000 bese kuthi elizolala indawo yesithathu lithole uR3000. Kuzophinde kuqokwe umlingisi wesilisa nowesifazane owenze kahle abayohlomula nge Lucky Mavundla award kanye no R1000 ngaphezulu umuntu emunye.

UMdluli uthe baphezu kwezinhlelo zokuthi labo abawinile kulefestivali babe yingxenye yamafestivali amakhulu akuleli afana ne-Grahamstown festival noma Isigcwawu festival.

Uthe bamema amaciko akuzona zonke izifunda zaseMgungundlovu ukuba abe yingxenye yokuhlungela lefestivali.

“Ukuhlunga sizoqeda mhlaka 31 kuJulayi kanti ngoba siyazi ukuthi abantu abasafufusa laba esikhuluma ngabo ithina esizobahambela emahholo emphakathi ezindaweni abahlala kuzo.”

Ukuba yingxenye yale-festivali kumahhala kanti amalunga omphakathi azobe ezobuka ayacelwa ukuba anikele noma ingamalini.

Ngeminye imininingwane ngale festivali ungaxhumana noGcina Mdluli ku 072 545 2942 okanye uthumele i-email ku umphithiartscompany@gmail.com noma uvakashele iwebsite yabo www.umphithiartscompany.co.za

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/Sport
 

WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…

What is at first an exciting tummy-turning adventure stunt, quickly turns into a scarily bad idea caught on camera. Take a look:

 
 

You won't want to miss...

Best date night restaurants in South Africa
WATCH: Ryan Reynolds offers fans a free tattoo in new Deadpool 2 teaser
Should you date your co-worker?
Hip Cape Town bars to discover this summer
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.