Ikusasa likamqeqeshi weBanyana alikacaci

2017-10-11 06:00
Ibamba lomqeqeshi eqenjini leBanyana Banyana uDesiree Ellis. Isithombe:Sithunyelwe

Ibamba lomqeqeshi eqenjini leBanyana Banyana uDesiree Ellis. Isithombe:Sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KAZE ibamba lomqeqeshi eqenjini leBanyana Banyana uDesiree Ellis kufanele aze enze njani ukuze obasi bakhe iSafa bakholwe ukuthi usekulungele ukuqeqesha leliqembu ngokuphelele noma ngokusemthethweni?

Phela lentokazi eyadlala isikhathi eside kwiBanyana futhi iwukaputeni eminyakeni edlule usanda kugila izimanga nalapho ewine khona iCosafa Women’s Championship.

Ngalokhu nje kukodwa useziqophele umlando uEllis ngokuba umqeqeshi wokuqala kuleliqembu losisi abadala ukuwina lomqhudelwano.

Okuxakayo-ke ukuthi ukwenza kwakhe kubonakala kunganele kwiSafa ukuthi angaqokwa ngokusemthethweni ukuba aqeqeshe iBanyana Banyana ngokuphelele noma engabe esaba ngumqeqheshi wetoho.

Izimpukane eziluhlaza zikhomba ukuthi uSafa akakagculiseki ngoEllis noma mhlawumbe awukakholelwa kuyena.

Izazi eziningi zebhola laseMzansi kanye nabalandeli bona babona sengathi lentokazi isisebenze ngokwanele ukutshengisa ukuthi uyayazi into ayenzayo futhi wazi konke ngeBanyana Banyana.

Kunamahlebezi nathi kungenzeka ukuthi mhlawumbe uSafa usecuthe ngomunye ovela phesheya kwezilwandle.

Isikhulu seSafa esiyiChief Executive Officer uDennis Mumble usanda kuthi noma imisebenzi kaEllis ibabazeka noma ibonakala kodwa indaba yomqeqeshi ozothatha ngokugcwele ayikaqedwa noma akusho ukuthi sekunguye.

UMumble uze waqiniseka ukuthi kahle kahle uEllise ukleliswe waba ngowesithathu ebaqeqeshini abangathatha lomsebenzi.

“Noma sonke simbongela futhi sijabulile ngokuwina kwakhe i- Caf Women’s Championship kodwa ziningi izinto ezibhekwayo uma sekuqashwa umqeqeshi ngokuphelele, ikakhulukazi kulelizinga.

“Kufanele futhi sithembeke uma sesiqasha noma sizibuke ukuthi siyokwazi yini ukumelana nezikhondlakhondla zebhola loMhlaba labesifazane njengo US, Sweden, Germany kanye no Japan. Iqiniso lithi kusafanelwe kusetshenzwe ukuze sifike kuleliyazinga,” kusho uMumble. “Okwamanje ngingathi sixoxisana nabaqeqeshi abathathu kanti naye uEllis ungomunye wabo.”

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.