KUBUKEKA sengathi inyoni inyele ezandleni noma sengathi uKhisimuzi usheshe wafika kumakilabhu adlala kwiPSL kanye nakwi National First Division (NFD).
Phela inhlangano ephethe ibhola elikhokhelwayo eMzansi iPSL isanda kumemezela ukuthi amakilabhu akwiPSL nakwiNFD azohlomula ngezamba zezimali ngaphambi kokuba iphele isizini.
Ngokusho kwesitatimende sePSL, wonke amaqembu akuleligi azothola uR1 million ngayinye. Lemali akuyona eyemiklomelo ekhishwa ngokuphela konyaka kodwa usizo nje lobungane lokubabhekelela oluvela kwiPSL.
Kanti angeke kuphelele lapho, kuzothi ekupheleni kwalenyanga ephezulu lamaqembu ahlomule futhi ngo R3 million ngayinye.
Kanti nangaphambi kokuthi iqale isizini entsha ngo-Agasti wonke amaqembu ePSL azonikwa uR4 million.
Lokhu kubuye kwafakazelwa yisigungu esiphakeme nesiphezulu seligi esaziwa nge Board of Governors (BOG). Kanti uSihlalo wePSL uDokotela Irvin Khoza uthe amakilabhu kade engayibhekile lemali futhi abengayilindele. “Sibazumile ngalezindaba ezimnandi ngoba phela bonke kade bengayilindele,”kusho uKhoza. UKhoza uthe imali eningi iqhamuka esikhwameni seligi obekuyinzuzo eyenzekile emva kokuyilondoloza.
Usihlalo weligi uthi lezimali zibhekeke ukuthi zisetshenziswe amakilabhu ekulingiseni izincwadi zamalayisense.
“USafa nePSL bavumelana ngohlelo lokuthi amakilabhu abe nezincwadi zamalayisense. Ukuze zonke lezinto zenzeke amakilabhu azosebenzisa izimali ezishisiwe, siyethemba ukuthi lezimali zizomasiza ukwenza izinto namaphepha adingekayo aloluhlelo.”
UKhoza uthi kuyamthokozisa ukuthi iningi lamakilabhu liyavumelana naloluhlelo kanti kuhle futhi ukuthi lezimali zizosetshenziswa amaqembu ukuthuthukisa amazinga ezinhlelo namadiphatimente ahlukene ukuze azisimamele ngokuphelele ngakwezimali.
Uthe kuzofanele kukhumbuleke ukuthi amakilabhu athola uR30 million ngonyaka, kanti futhi kuno R1,5 million otholakala njalo ngenyanga.
Kanti amakilabhu akwiNFD wona azothola uR175 000. Azophinda ahlomule ngo R500 000 ekupheleni kwenyanga kanye no R1,5 million ekuqaleni kwesizini entsha.