Imbongi iphinde yawina indondo

2019-07-03 06:01
Imbongi uBongani Khumalo. ISITHOMBE: sithunyelwe

Imbongi uBongani Khumalo. ISITHOMBE: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IMBONGI yase-Sweetwaters uBongani Khumalo uphinde wakhala wemuka nendondo ye Best Male Poet emcimbini wezindondo ama-Phusher Kleva Awards akade esendaweni yase-Port Shepstone ngoMgqibelo mhla zingama-22 kuNhlangulana (June).

UKhumalo, nowaziwa ngelikaMbulazi obhala kahle igagu lembongi, ubeqokwe emikhakheni emine okubalwa kuwona iBest Pet Artist, Best Mentor kanye noweBest Author.

UKhumalo akaqali ukuwina le ndondo njengoba nangonyaka owedlule akhala wemuka nayo.

Ekhuluma ne-Echo uthe ujabulile kakhulu ngokuhlabana ngale ndondo yize kade enethemba lokuthi uzothola nalezi ezinye abekade eqokelwe kuzo.

“Ngithanda ukubonga kakhulu kubona bonke abantu abangivotelile lokho kusho lukhulu kumina. Kuyakhombisa ukuthi bayawethemba umsebenzi wami. Ukuwina le ndondo kuyangikhuthaza kakhulu ngoba kuyasho ukuthi kukhona abantu ababona umsebenzi wami engiwenzayo njengembongi,” kubeka yena.

UKhumalo uthe waqala ukubhala kanye nokuhaya izinkondlo ngonyaka wezi-2008 ngemuva kokuba uthisha wakhe wasesikoleni samabanga aphakeme emtshele ukuthi unethalente kanti futhi kumele alisebenzise.

“Uthando lwami lwezinkondlo lwaqala ngisekhona vele esikoleni. Kukhona inkondlo esasiyifunda esikoleni eyasihloko sithi Mama liphi Igama Lami, lapho kwakudingeka khona umuntu ozoyihaya kodwa kwangaba khona muntu ofuna ukuyihaya ngabe sengiyavolontiya ngayihaya.

“Ngesikhathi ngiyihaya le nkondlo ngakhuthazeka ukuthi ngifune ukubhala izinkondlo ezifundisa abantu ngezinto ezithize. Ngaqala lapho ke ukubhala, angibange ngisayeka kuze kube yimanje.”

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.