Imbongi iqokwe kowezindondo

2018-09-19 06:01
ISITHOMBE: sithunyelweUSfiso Gwala.

ISITHOMBE: sithunyelweUSfiso Gwala.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IMBONGI yasendaweni yaseNchanga uSfiso Gwala nowaziwa ngelikaSfisomafree uqokwe emncintiswaneni wezindondo zentsha obizwa ngokuthi yi-Live Your Dream Youth SA Awards nazobanjelwa ePlayhouse eThekwini mhla zingama-24 kuLwezi (November) nonyaka.

UGwala, osebenza njengomhlengikazi, uqokwe ngaphansi komkhakha wezinkondlo kanti ukuwina kwakhe kuncike kumavoti azowathola aphuma kubalandeli bakhe.

Ekhuluma ne-Echo uGwala uthe ujabule kakhulu ukuthi athole ithuba lokuthi abe yingxenye yomcimbi wezindondo. Uthe kwakuhleli kuyiphupho lakhe vele ukuthi agcine engenile emncintiswaneni efana nalena kanye neminye engaphezu kwawo.

“Lokhu kusho lukhulu kumina njengembongi kanti futhi kuyangikhuthaza ukuba ngiqhubeke ngisebenze ngokuzikhandla ukuya phambili,” kubeka yena.

UGwala uthe waqala ukungena emkhakheni wezinkondlo ngonyaka wezi-2011 kanti kumanje ungaphansi kohlelo losonkondlo lwaseNchanga.

“Ngiyakuthanda ukuba yimbongi kangangokuba kwesinye isikhathi ngize ngihayele ngisho iziguli izinkondlo zami emsebenzini ngoba ngifuna zibuyise ithemba. Ngikwenza lokhu ngoba ngiyazazi izinkondlo zami ezi ningi ziyafundisa kanti futhi ziyagqugquzela ukuba abantu bangalilahli ithemba kodwa baqhubekele phambili ngisho kunzima. Inkondlo yami yokuqala yayithi ‘Bathande bonke kodwa uze ungathembi noyedwa’.”

Uqhube wathi njengoba eseqalile kulo mkhakha wezinkondlo uzibona eya kude kakhulu kanti isifiso sakhe ukuthi akwazi ukuthi ashiyelane inkundla nabanandisi abahlukene emicimbini efana nama-Gospel Crown Awards kanye nama-Satma Awards.

“Into engingathanda ukuyisho nje kwintsha yakithi ukuthi kumele bazi ukuthi ubuciko buyaphilisa, buyakhana bukuqoqe futhi ukuthi uzazi ukuthi uwubani ungashaywa isizungu uze ugcine sewenza izinto ezingalungile. Mina ke ngiyaye ngithi umuntu kumele azifune azithole ngoba ngiyakholelwa ukuthi wonke umuntu unesiphiwo sakhe esahlukile. Uma ususitholile ke isiphiwo sakho kumele usukume usiveze usisebenzise ujabulise umhlaba.”

UGwala kumanje umatasa usebenza kwi-album yakhe esihloko sithi Amaphiko Obuhlakani. Uyatholakala futhi uma ngabe ufuna ukumumema emcimbini enombolweni ethi : 078 115 4638.

Ukumvotela kuma-Live Your Dream SA Youth Awards SMS LYD850 enombolweni :45633. I-SMS ibiza u-R1,50.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.