Imbongi iqokwe kuma-Satma Awards

2019-08-28 06:02
ISITHOMBE: sithunyelweUNduduzo ‘Gubhela’ Mkhize oqokwe kowama-Satma Awards.

ISITHOMBE: sithunyelweUNduduzo ‘Gubhela’ Mkhize oqokwe kowama-Satma Awards.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

USONKONDLO waseMgungundlovu uNduduzo Mkhize, nowaziwa ngelika-Gubhela, uthi ujabule kakhulu ngokuqokwa kwakhe emcimbini wezindondo odume kakhulu nowaziwa ngokuthi ama-Satma Awards.

UGubhela uqokwe emkhakheni we-Best Poet ngenkondlo yakhe ethi Buyela Kuwe nalapho epike khona umculi wokholo Fikile Mlomo.

Lo mcimbi waminyaka yonke uzobanjelwa e-North West mhla zingama-28 ku-September.

Ekhuluma ne-Echo uGubhela uthe ukuqokwa nje kuphela kulomncintiswano wezindondo omkhulukazi kusho lukhulu kuyena ikakhulukazi njengoba kungokokuqala ukuthi aqokwe kule zindondo.

“Ukuqokwa kwami nje kuyakhombisa ukuthi umsebenzi engiwenzayo kukhona abantu abawubonayo. Kusho lukhulu loku kumina njengembongi yaseMgungundlovu kanye nasesifundazweni saseMgungundlovu. Kuyajabulisa ukuthi nami kube khona abantu ababona ukuthi ngikufanele ukuthi ngiqokwe ukuze ngizohlonishwa ngendondo,” kubeka yena.

Uqhube wathi nakuba engakholelwa ekutheni ums ebenzi wakhe kumele ukhonjiswe izindondo anazo uthe angakujabulela ukuthi abuyise lendondo ize ekhaya ukuze ezophakamisa igama lasendaweni kanye nasedolobheni aqhamuka kulona.

Uthe ukuqokwa kwakhe kulezi zindondo kuza ngemuva kokuba omunye wabangani bakhe wamuthatha i-video ehaya inkondlo yakhe esihloko sithi uMnikelo. Uthe le-video yasabalala ezinkundleni zokuxhumana yaze yafika kumsunguli womcimbi walezi zindondo uMnu Dumisani Goba.

“UMnu Goba wabe esengimema ukuba ngize ngizonandisa emcimbini wakhe wosuku lokuzalwa. Ngemuva kwaloko ngabe sengiqala sengithola izingcingo eziphuma kubasebenzi bakuma-Satma Awards bengibuza ukuthi kungani ngingalethi izinto zami ngingenele nami lomncintiswano wezindondo.

“Ngesikhathi ngiloku ngithola lezi zingcingo kubantu abahlukene bengiloku ngiziziba kwaze kwafika la ngizitshela khona ukuthi yazi yini ngizoyenza lento abayifunayo. Ngangibona ukuthi angeke baze bangiyeke ngingakayenzi lento abayifunayo. Ngemuva kokuba ngigcwalisile yonke into ngatshelwa ukuthi imiphumela yabaqokiwe izophuma ngoMgqibelo mhla zili-17 kuNcwaba (August) nokwathi uma iphuma ngathola ukuthi nami igama lami likhona,” kubeka yena.

UGubhela waqala ukubhala kanye nokuhaya izinkondlo eminyakeni eli-11 eyedlule. Ngonyaka owedlule wenze indumezulu yomcimbi yokubonga abalandieli bakhe kanye nokugubha iminyaka eli-10 kulomkhakha nobuwaziwa ngokuthi ngokukaGubhela Verse 1 Chapter 1.

Uma ngabe ufuna ukuvotela uGubhela ungathumela umqhafazo othi : SATMA71 enombolweni ethi : 49495. Kuvotwa noma ikangaki.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.