Imbongi isingene kwezokulingisa

2020-03-25 06:02
ISITHOMBE: LETHIWE MAKHANYAImbongi u-Avela Khawula usengene kwezokulingisa.

ISITHOMBE: LETHIWE MAKHANYAImbongi u-Avela Khawula usengene kwezokulingisa.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IMBONGI yasendaweni yaseSweetwaters ithi ayisaziboni iphinda iphuma emkhakheni wezokulingisa.

U-Avela Khawula nowaziwa kakhulu ngokuthi ‘Avela Imbongi’ ungomunye wabalingisi kwifilimu entsha esihloko esithi Intombi YaKwaCele nezophuma maduzane.

UKhawula (26) udlala indawo ka-Sabelo noyindodana yasebukhosini kulefilimu eshuthwe edolobheni laseMgungundlovu kanye nasendaweni yase-Richmond.

Ekhuluma ne-Echo uKhawula uthe ngesikhathi ekhula ubengazitsheli ukuthi angagcina esengene emkhakheni wezokulingisa kwazise uthando lwakhe olokuba imbongi.

“Ngenza i-drama iminyaka emibili kuphela esikoleni ngashiya kanjalo futhi ngoba bengingazitsheli ukuthi into engiyobuye ngiyenze futhi uma ngabe sengimdala, kodwa ngemuva kokuba ngithola indawo yokuba ngidlale indawo yokuba umlingisi ongeziwe emdlalweni kamabonakude Uzalo ngibe sengiba nothando lwezokulingisa.

“Ukuba phakathi kwabantu obabonayo ukuthi banentshisekelo ngento abayenzayo kungigqugquzelile nami ukuthi ngithi ngifuna ukukhula endimeni yezokulingisa. Ngibe-ke sengithatha isinqumo sokuthi ngiyongenela inhlolokhono yale filimu eyayingonyaka owedlule ngenyanga kaLwezi (November),” kubeka yena.

Uqhube wathi ngemuva kwalokho wabe esethola ucingo olumazisa ukuthi usethole indawo azoyidlala kule ndawo.

“Ngijabule kakhulu ngalelithuba ngoba ngiyakholelwa ekutheni ithuba lami lokuthi ngikhule endimeni yezokulingisa.

Ngathi uma ngilithola ngabe sengilibamba ngezandla zombili. Ngizimisele ngokuthi nami ngizibone ngikhula kulomkhakha kanti futhi ngizosebenza kanzima ukwenza isiqiniseko saloko,” kubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Architect

Cape Town
Mass Staffing Projects
R400 000.00 - R600 000.00 Per Year

Software Engineer

Cape Town
Tumaini Consulting
R720 000.00 - R960 000.00 Per Year

Visual Merchandiser

Cape Town
Forever New South Africa
R6 000.00 - R7 000.00 Per Month

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.