Imbongi ithi ifuna ukuthuthukisa ezinye ezisafufusa

2019-08-07 06:00
ISITHOMBE: sithunyelweImbongi uScelo Mpungose.

ISITHOMBE: sithunyelweImbongi uScelo Mpungose.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IMBONGI yaseMpophomeni uScelo Mpungose ithi iphupho layo ukuthi ivule isitebele lapho izokwazi ukuthi ithuthukise khona izimbongi ezincane ezisakhula.

Ekhuluma ne-Echo uMpungose uthe ukuba yimbongi ukuthatha njengobizo ngoba yiyona nto ayithanda kakhulu kanti futhi angathanda ukuthi adlulisele ulwazi asenalo kwezinye izimbongi ezisafufusa.

“Ngiqale ukubhala izinkondlo ngonyaka wezi-2008. Ngonyaka owedlule bengigubha iminyaka eli-10 ngaqala ukubhala izinkondlo.

“Kule minyaka eminingi kangaka esenginayo ngibhala futhi ngihaya izinkondlo ngicabanga ukuthi sekuyisikhathi sokuthi ngibuyisele ulwazi nezinto esengizifundile kwezinye izimbongi ezincane ezisakhula kanye nakulabo abangathanda ukuthi bangene emkhakheni wokuba yizimbongi ngelinye ilanga,” kubeka yena.

Uthi ngesikhathi ekhula wayengazitsheli ukuthi angahle abe yimbongi kodwa uthando lokubhala izinkondlo lwaqala ngesikhathi lapho ephelezela umngani wakhe uma ngabe eyokwenza izinkondlo.

“Ngesikhathi ngibabuka bebhala noma behaya izinkondlo ngavele ngazitshela ukuthi nami ngingakwazi ukwenza le nto abayenzayo. Ngaqala ngabhala ekilasini ngahamba ngayohaya inkondlo phambili. Abantu abaningi bahlabeka umxhwele kangangokuba baze bangicela ukuba ngihambe ngiyohaya inkondlo phambi kwesikole sonke.

“Yonke into yami yaqala lapho ngaze ngakwazi ukuthi ngihambe ngiyohaya izinkondlo eThekwini nokuyilapho ngafike ngahlangana khona nomfowethu uSiyabonga Mpungose sabe sesikhetha ukuba sibhale siphinde sihaye izinkondlo ndawonye,” echaza.

UMpungose kumanje usezwakala emsakazweni Ukhozi FM njalo ngoLwesihlanu ohlelweni lukaDudu Khoza nokuyilapho esuke ehaya khona izinkondlo zakhe. Uthi uqale ukukwenza lokhu ngonyaka wezi-2012 kuze kube yimanje.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.