Imbongi izobonakala kuZalo

2019-07-17 06:02
ISITHOMBE: sithunyelweU-Avela Khawula.

ISITHOMBE: sithunyelweU-Avela Khawula.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IMBONGI yasendaweni yaseSweetwaters, u-Avela Khawula, uthi ngesikhathi ekhula akakaze acabange ukuthi ngelinye ilanga uyoke abe umlingisi kumabonade.

UKhawula (25) nosebe semkhakheni wezinkondlo iminyaka eyi-8 uzoqala ukubonakala emdlalweni kamabonakude Uzalo kulona lelisonto. Uzalo ludlala ku-SABC 1 ngokugamanxa kwehora lesishiyagalombili ebusuku (8.30 pm) kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.

Ekhuluma ne-Echo uKhawula uthe ujabule kakhulu ukuthi uzoba ingxenye yomdlalo omkhulu kangaka.

“Nakuba ngingakabi nayo indawo enkulu kangako kulo mdlalo, ukuthi ngaziwe ngikwazi ukuthi ngikhethwe nami kuyakhombisa ukuthi uyabonakala umsebenzi wami engiwenzayo kanti fuithi kukhombisa nokukhula endimeni yezikaqedisizungu,” kubeka yena.

Uthe ukulingisa bekungeyona into ayithandayo kwaze kwaba uhlangana nomqondisi wemidlalo kamabonakaude, uSthembile Mkhize, ngonyaka owedlule.

“Wangicela ukuba ngibe kweminye yemidlalo angumqondisi kuyo nedlala kakhulu kuMzansi Magic. Ngamtshela ukuthi kuzoba nzima lokho kumina ngoba angikaze ngilingise ngaphambilini, kanti futhi angicabangi ukuthi into engingakwazi ukuyenza.

“Wangitshela ukuthi indlela engiyiyona ucabanga ukuthi ngingakwazi ukuthi ngingene kulo mkhakha, ngabe sengingena kanjalo ke.

“Ngibe sengijoyina i-agency yezokulingisa, iMizani, nokuyiyona ebeyingilekelela kuze kube ngithola isikhala sokulingisa nami. Ngizimisele ukuthi nami ngikhule kule ndima ngoba selokhu ngiqalile ngiyakuthanda kakhulu. Sengizimisele ngokuthi ngihgagxili nje ezinkondlweni kuphela kodwa ngenze nokunye engibona sengathi nginethalente lako,” kuphetha yena.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.