Imbongi yaseHopewell nohlelo lokungcwaba

2018-05-30 06:01
ISITHOMBE : sithunyelweUMnuz Zwelithini Khetha osungule inhlangano yokusiza imindeni eshonelwe.

ISITHOMBE : sithunyelweUMnuz Zwelithini Khetha osungule inhlangano yokusiza imindeni eshonelwe.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IMBONGI yase-Hopewell uMnuz Zwelithini ‘Ntatheli wasemazulwini’ Khetha uthi akumuphathi kahle ukubona abantu begcina bengcwatshwa uhulumeni ngenxa yokuthi amalungu omndeni wabo abengenawo amandla okubadlalela umasingcwabisane, yingakho evule inhlangano esiza imindeni engenawo amandla okungcwaba amalungu ayo.

Le nhlangano eyethiwe ngokuthi Asibafihle Ngesizotha Organisation isungulwe ngoZibandlela (December) wangonyaka owedlule kanti isebenzisana nenkampani yamakhaza iPhila Funerals.

Ngokusho kuka Mnuz Khetha uthe lokhu akwenzayo kungenye yezindlela afuna ukubuyisela ngayo emphakathini ebonga ukumeseka kwawo kusuka ngesikhathi eqala ukuba yimbongi ngonyaka wezi-2008.

Uthe: “Ngikhokha imali engu-R150 njalo ngenyanga ngenhloso yokuthi uma ngabe kukhona umuntu oshonile noma ngabe owakuphi ikakhulukazi lapha eMgungundlovu umndeni wakhe ongenawo amandla okumngcwaba bese leyo mali iyalekelela njengomasingcwabisane. Kuyimanje nginabantu abayi-10 abangaphansi kwami okuzothi uma beshona bakwazi ukuthi bethole umngcwabo onesizotha kunokuthi bangcwatshwe uhulumeni. Bonke labantu angibazi ngiyasiza nje kuphela.

“Abantu esibasizayo yilabo abangenawo ngempela amandla okuba nomasingcwabisane. Laba ngabantu abangawudlalanga umasingcwabisane ngoba bengenayo imali yokuwudlala ayi labo abebenayo imali yokuwukhokhela kodwa bayeka,” kubeka yena.

UMnuz Khetha uthe kuyimanje usenabantu abayi-12 asebenzisana nabo abazivolontiyele bona ukuthi bafuna ukufaka isandla baxhase.

“Abantu engisebenzisana nabo kakhulu yilabo engisondelene nabo abangizwa ngesikhathi ngibatshela ngale nhlangano base bethi bangathanda ukufaka isandla basize ngoba sonke siphila emphakathini owodwa.

“Singakujabulela futhi uma singathola abanye abantu abangathanda ukusiza. Siyazi sonke ukuthi akekho umuntu ongathanda ukuthi ilungu lomndeni wakhe lingcwatshwe engathi belingenamndeni noma abantu abalithandayo ngenxa yokuthi abanawo amandla okumdlalela umasingcwabisane ukuze ezothola umngcwabo omfanele nonesizotha.”

Uqhube wathi kwakuhlezi kuyiphupho lakhe ukuthi ngelinye ilanga asize abantu abahlwempu abangakwazi ukuzenzela.

Uthe ngesikhathi eqala ukuba imbongi wayehleli ebona UDk Lee M KaGcugcwa enikela emphakathi wabe eseyakhuthazeka.

“Ngagqugquzeleka nami ukuthi uma nginawo amandla kubalulekile ukuthi ngilekelele lapho ngingakwazi khona.”

Uma ufuna ukwazi kabanzi ngale nhlangano noma ufuna ukuthola usizo kuyona ungaxhumana noMnuz Khetha enombolweni ethi: 084 022 0338.

Abantu esibasizayo yilabo abangenawo ngempela amandla okuba nomasingcwabisane. Laba ngabantu abangawudlalanga umasingcwabisane ngoba bengenayo imali yokuwudlala ayi labo abebenayo imali yokuwukhokhela kodwa bayeka. Kuyimanje nginabantu abayi-10 abangaphansi kwami okuzothi uma beshona bakwazi ukuthi bethole umngcwabo onesizotha kunokuthi bangcwatshwe uhulumeni. Bonke labantu angibazi ngiyasiza nje kuphela.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.