Imbongi yaseMpophomeni ichaza kabanzi ngempilo yayo

2018-07-11 06:00

IMBONGI yaseMpophomeni uSiyabonga Mpungose uthi zonke izinkondlo azibhalayo usuke ehlose ngazo ukukhuthaza nokuqwashisa intsha ukuthi ingazibandakanyi ezintweni ezingalungile.

Engxoxweni ekhethekile ne-Echo uMpungose uthe inkondlo yakhe yokuqala wayibhala efunda u-Grade 10.

Uthe lokhu wakwenza ngemuva kokuba uthisha wayebajezise ngokuthi babhale izinkondlo eziyi-8 abazisusela ekhanda kanye nezindaba ezimfishane ezimbili ezingamakhasi ayi-8.

Uthe lesijeziso basithola ngemuva kokuba bengawubhalanga umsebenzi abebewunikeziwe wokuthi babhale i-CV kwaze kwashaya isikhathi sokuthi uthisha awuqoqe.

“Uthisha wasinikeza izinsuku eziyi-13 ukuthi sibhale lezi zinkondlo kanye nezindaba ezimfishane bese siyazibhala nge-computer sizilethe kuyena.

“Ngaleso sikhathi ngangingazinokuthi ibhalwa kanjani inkondlo ngingazi nokuthi uma ngithi ngiyaqala ngizoqalaphi. Ngesikhathi kusondele usuku lokuthi sihambise izinkondlo kuthisha ngangingabhalile lutho. Ngathi ngibuke uhlelo luka-Zola 7 kumabonakude ngezwa esho amazwi athi I was born in hunger and anger ngabe sengidonsa ipeni nephepha ngabhala phansi lokho. Kwathi sekungena olunye uhlelo futhi ngaphinde ngacosha okunye ngahlanganisa kwabe sekuzifikela, kwaba ukuqala kwami lokho. Inkondlo yami yokuqala yayisihloko esithi I was born in hunger and anger,” kuchaza yena.

Uthe ukuqala kwakhe ukuduma ingesikhathi ehaya inkondlo emngcwabeni womunye umfundi ayefunda naye. Uthe kwakumele afike akhulumele abafundi kodwa wayengazi ukuthi uzothini.

“Ngavele ngafike ngama phambili ngatshela abantu ukuthi angazi ukuthi ngizothini ngavele ngahaya inkondlo. Abazali bami babengazi nokuthi ngenza izinkondlo bezwa ngabantu ababesemngcwabeni ababengawuvali umlomo. Kusukela lapho angiphindanga ngabheka emuva kwaze kwaba unyaka ka-2010 nalapho ngagcina sengihlabana khona ngethuba lokuthi ngisho izinkondlo zami emsakazweni Ukhozi FM njalo ngoLwesihlanu ngo-10.45 am.

“Ukuthola kwami leli thuba kwalandela emva kokuba ngangenela umncintiswano wezimbongi owawuse-City Royal Hotel nalapho kwakuwinwa khona imali engu-R10 000. Ngafika okokuqala ngadlulela emzuliswaneni olandelayo kwaze kwaba ngiyawunqoba. Ngabe sengithola ucingo kumdidiyeli wezinhlelo zohlelo uJabul’Ujule lukamama uDudu Khoza bethi bangathanda ukuthi ngizohaya ezinye zezinkondlo zami emoyeni.

“Ngokwazi kwami kwakuzoba into yosuku olulodwa kodwa ngesonto elilandelayo baphinda bangifonela bangitshela ukuthi angibuye ngesonto elilandelayo. Kusuka lapho akukaze kwama baqala bangisayinisa izinkontileka kuze kube yimanje ngisazihaya izinkondlo.

“Zonke izinkondlo zami engizibhalayo ngisuke ngiqwashisa futhi ngifundisa abantu abasha ngezinto ezenzekayo ezweni. Into engifuna abantu abasha bayazi, ikakhulukazi izimbongi, ukuthi kumele ube wuwe ungazami ukulingisa omunye umuntu uma uhaya inkondlo yakho, ngoba ngesikhathi wenza njalo abantu bazocabanga lo muntu omlingisayo bese bekhohlwa uwena nenkondlo yakho.”

UMpungose uphinde waveza ukuthi selokhu aqala ukwenza izinkondlo nokungenela imincintiswano yezinkondlo akakaze aphume isibili, uhlezi ephuma phambili.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
 

Share your 67 minutes with animals in need this Mandela Day

With an abundance of activities to get involved in, why not lend a hand towards animals in need this Mandela day? Here are some ideas of how you can spend your 67 minutes...

 

Paws

Kevin Anderson’s dog is winning at Instagram!
Kim Kardashian-West buys fake testicles to boost her dog’s self-esteem
10 tips on exercising your dog
Our top picks for doggo post of the week
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.