Imeya ifuna ukuthuthukisa ‘amaphara’ ngamakhono

2019-07-17 06:00

IMEYA yomasipala uMsunduzi uMnu Themba Njilo ithi iyakholelwa ekutheni inkulu indima engadlalwa ilabo abahlala emgwaqeni kuleli dolobha nasebebizwa ngamaphara ekulekeleleni ukugcina idolobha lihlanzekile kuphinde kuliwe nobugebengu kuleli dolobha.

UMnu Njilo ube nomhlangano namapahara ngoLwesihlanu olwedlule mhlaka-5 kuNtulikazi (July) ngenhloso yokuthola izinkinga zawo amaphara.

Ekhuluma ne-Echo uNjilo uthe inhloso yalomhlangano bekungukuxoxisana nawo amaphara asho izinkinga zawo bese bazama ukuxoxisana kanye nokubonisana ukuthi angabasiza kanjani.

Kulo mhlangano bekumenywe neminyango kahulumeni eyahlukene okubalwa kuyona owezokuPhepha koMphakathi kanye noweze Nhlalakahle.

UNjilo uveze ukuthi abalelwa ku-400 amaphara ahlala kuleli dolobha kanti amanye aphuma ngisho ezindaweni zakude ezingaphandle kwesifunda saseMgungundlovu..

“Kunabantu abaningi abahlala lana emgwaqeni abanamakhono okwenza izinto ezahlukene. Uma thina singakwazi ukubalekelela bangakwazi ukuthi basuke lana emgwaqeni kanti futhi ngaleyondlela kungavuleka amathuba emisebenzi.

“ Siyazi ukuthi iningi labo selibandakanyeka nasebugebengwini khona lana edolobheni ngenxa yokuthi basuke sebefuna ukubhema lento yabo abayibhemayo, uma thina singabasiza baveze amakhono abo bangayeka zonke lezinto. Kunaloko ibona abangasisiza ekutheni silwe nobugebengu kuleli dolobha ngoba bayazazi izinto ezenzeka emgwaqeni eyahlukene abahlala kuyona,” kubeka yena.

Uqhube wathi bafuna nokuthi babalekele ngokudayisa izinto lezi ezisangaphinde zisebenze (recycling) ezindaweni ezifanele nangendlela efanele.

“ Sifuna ukuthi lezinto abahleli bezihudula emgwaqeni bahambe bayozidayisa ezindaweni ezahlukene ngendlela efanele. Uma singenza njalo nendolobha lethu lingahlanzeka ngoba bazoyeka ukuloku bezihudula la emgwaqeni ngoba vele kusolwa bona ngokungcolisa idolobha.

“Siyazi ukuthi angeke size sikwazi ukuthi sibasize bonke kanye kodwa into esizoyenza ukuthi sizobathatha ngamaqembu sibasize ngawo ukuze sizobona indlela eya phambili.

“Nalabo abafuna ukuya emakhaya nabo asinayo inkinga yokuthi sibasize ekutheni baphinde bahlangane nemindeni yabo, “kubeka uNjilo.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.