Imeya iphawule ngolwamanzi eWillowfontein

2018-07-04 06:01
Amalunga omphakathi aseWillowfontein ekha amanzi kwiloli elithwala amanzi.ISITHOMBE: sigciniwe

Amalunga omphakathi aseWillowfontein ekha amanzi kwiloli elithwala amanzi.ISITHOMBE: sigciniwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IMEYA yomasipala uMsunduzi uMnu Themba Njilo iphawule okokuqala ngodaba lwenkinga yamanzi endaweni yaseWillowfontein okubalwa kuyona indawo yase-Bulwer kanye nakaPhupha.

UMnu Njilo ubephendula umbuzo welunga lomphakathi ngale nkinga ngesikhathi kunembizo yoMnyango wezokuThutha kuzwelonke nebeyibizwe ungqongqosho walo mnyango uMnu Blade Nzimande ngoMgqibelo mhla zingama-23 kuNhlangulana (June) enkundleni yezemidlalo kaCaluza.

Uthe into eyenza ukuba kube khona inkinga yamanzi kulezi zindawo ingoba ithangi elibaphakela amanzi balisebenzisa nabantu abaningi okubalwa kubona nabantu base­Thekwini.

“Inkinga yodaba lwamanzi endaweni yaseWillowfontein siyalwazi inkinga ekhona ukuthi ithangi elibaphakela amanzi alisakwazi ukubaphakela ngoba amanzi awasanele ukuthi angasatshalaliswa kuzona zonke izindawo ezidonsa kulona.

Athi efika amanzi ethangini babe bewathatha laba abanye bese abahlali baseWillowfontein basale bengatholi lutho.

Sizama ukululungisa lolu daba ngokuthi sizame ukubatholela ithangi labo bodwa elizophakela bona kuphela amanzi kodwa loko kuyinto ezosithatha isikhathi,” kubeka iMeya.

Umphakathi wale ndawo usuqede isikhathi esiyiminyaka emine ungenawo amanzi.

Umphakathi wakule ndawo uphila ngamaloli athwala amanzi nawo abakhala ngokuthi abuye angafiki kuze kuphele isonto.

Baphinde bakhale ngokuthi seloku kwaqala le nkinga yamanzi akekho owake wabachazela ukuthi kungani bengenawo amanzi.

Amalunga omphakathi akhulume ne-Echo ngemuva kwenkula yeMeya athe kuyabathusa loku okushiwo iMeya ngoba kungokokuqala bekuzwa.

Elinye ilunga elingathanda ukudalula igama lalo lithe: “ Lokhu kuchaza ukuthi kade bazi ikuthi kunenkinga kule ndawo kanti futhi bebazi nanokuthi idalwa yini.

Sekuphele iminyaka engekho amanzi kule ndawo kodwa bona imanxa bethi basazoyisukumela manje le nkinga. Bebehleli benzani sonke lesi sikhathi? Yazi lo masipala awunandaba nje nomphakathi. Bayakhohlwa ukuthi yithina esibafaka emandleni bese bayasikhohlwa.”

UMnu Mandla Majola uthe: “Sikhathele ilo masipala odlala ngathi kusho ukuthi kade bayazi lenkinga kodwa akekho noyedwa owake wazixaka ngokuthi azosichazela ukuthi kwenzakalani kungani singenawo amanzi. Noma sebeyitholile inkinga abazange bayisukumele phezulu ukuthi bayilungise bafuna ukuthi thina siqhubeke sihlale sihlupheka singenawo amanzi. Sekukaningi sizama ukuthi le nkinga ilungiswe kodwa akwenzeki lutho. Sazama ngisho ukubamba iziteleka ngethemba lokuthi kuzolunga kodwa umasipala awuzange usishaye ndiva ngisho sekunjalo,” kubeka yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/World
 

Meet the unstoppable two-legged cat taking over the interwebs!

She may only have two legs, but that hasn’t stopped her from gaining thousands of adoring fans!

 

Paws

10 foods you should NEVER feed your dog!
Pet owners are spending thousands on animal birthday parties! Here’s why…
WOOF Project: The pop-up dog adoption station
Just 10 cats hanging out in boxes - because they're awesome
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.