IMeya nomkhankaso wokuhlanza idolobha

2019-02-20 06:02
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaIMeya kaMasipala uMsundzui uMnu Themba Njilo ekhipha izexwayiso kubadayisi basemgwaqeni ngesikhathi kunomkhankaso wokuhlanza idolobha.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaIMeya kaMasipala uMsundzui uMnu Themba Njilo ekhipha izexwayiso kubadayisi basemgwaqeni ngesikhathi kunomkhankaso wokuhlanza idolobha.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ILANGA ebelikhipha umkhovu etsheni alizange liyivimbe iMeya kaMasipala uMsunduzi uMnu Themba Njilo ukuba iphume umkhankaso wokuhlanza idolobha laseMgungundlovu ngoLwesihlanu olwedlule mhla ziyi-8 kuNhlolanja (February).

UMnu Njilo ubehambisana nabasebenzi bakamasipala okubalwa kubona noSomlomo uNkk Jabu Ngubo kanye neSekela Meya uMnu Thobani Zuma, abasebenzi bakamasipala kanye namavolontiya.

Lo mkhankaso uqale emgwaqeni u-Chief Albert Luthuli waze wayophela ezansi ku-Ritief Street kanye no-Pietermaritz Street.

Kulo mkhankaso imeya iphinde yanikeza labo abadayisa emgwaqweni izincwadi zesexwayiso ngokubeka amatafula abo ezindaweni ezingavunyelwe, njengokuwancikisa odongeni lwezitolo.

Ekhuluma ne-Echo uMnu Njilo uthe lo mkhankaso kade waqala kanti futhi basazoqhubeka nawo. Uthe into abafuna ukuyibona ukuthi idolobha lihlale lihlanzekile ngaso sonke isikhathi.

“Idolobha lethu laziwa okanye kuthiwa yilona dolobha elingcole kakhulu, thina-ke njengomasipala sifuna ukukushintsha lokho. Sifuna abantu bazi ukuthi idolobha lethu selishintshile. Nala bantu nabo abahamba befaka izikhangiso emgwaqeni ngokungemthetho ngokukhishwa kwezisu kumele bazi ukuthi uma ngabe beke babanjwa bazoboshwa.

“Asigcini nje ngokuhlanza ukungcola kuphela kodwa sibheka nalabo abadayisa emgwaqeni abangayilandeli imithetho efanele. Besingahambi-ke nje sodwa kodwa besihamba nabezemvelo ukuze bezohlola nokudla ngoba siyezwa ukuthi kunabantu abadayisela umphakahthi wethu ukudla okonakele,” kubeka yena.

UMnu Njilo uphinde waveza ukuthi lona akusiwona nje kuphela umkhankaso abanawo wokuhlanza idolobha, kodwa kukhona omunye abawenza no-Community Services ngokuhlanganyela no-Cogta nathi ukholelwa ukuthi uzokwenza ushintsho olukhulu kuleli dolobha.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.