Imeya nozime wokugubha inkululeko

2019-04-10 06:02

IMEYA yoMasipala uMsunduzi uMnu Themba Njilo uhlele uzime wokugubha iminyaka engama-25 izwe laseNingizimu Afrika.

Lo mncintiswano kazime owethiwe ngokuthi uMiss Democracy uzoba seCity Hall ngoLwesihlanu mhla zili-12 kuMbasa (April) ngehora lesihlanu ntambama (5pm).

Ukungenela lomncintiswano u-R100 umuntu ngamunye kanti izintokazi ezivumeleke ukungena eziphakathi kweminyaka eli-18 kuya kwengama-25.

Ngokusho kukaMeya uNjilo inhloso yalozime akusikona nje kuphela ukugubha iminyaka engama-25 kuphela kwaba khona inkululeko kodwa ukunikeza intsha esencane ithuba lokuba ikhulume ngezinkinga eziyithinta ngqo njengabantu abazalwa sebekhululekile.

“Sifuna ukuhlanganisa intsha ikhulume ngezinkinga ebhekene nazo iphinde ithole ithuba lokuthola ukuthi ingahlomula kanjani kwezamabhizini.Bazophinde baxoxisane nobuholi besifundazwe ngezinselelo abanazo baphinde baveze amasu abanawo okuhlomulisa intsha.

“Sigqugquzela abantu abasha ukuba bazi ngokuphathwa kwezwe. Sifuna bangazitheli ngabandayo uma kuza ngasezinkingeni ezibathinta ngqo,” kubeka yena.

IMeya ithe umuntu odle umhlanganiso kulozime uzothola ithikithi lokuthi ahamba yena nomndeni wakhe aye kunoma iyiphi indawo yokungcebeleka(holiday resort) ezokhethwa uyena, kanti nabanye abazowina nabo bazothola eyabo imiklomelo ehlukile.

Ukungena kulomcimbi u-R100. Ngemininingwane eminye ungashayela lenombolo : 079 964 5095.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.