Imidlalo ihlanganise intsha e-Edendale

2019-05-01 06:01
Iqembu elidle umhlanganiso kumncintiswano webhola lezinyawo e-Edendale.ISITHOMBE: sithunyelwe

Iqembu elidle umhlanganiso kumncintiswano webhola lezinyawo e-Edendale.ISITHOMBE: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMPHAKATHI wase-Edendale uthi uhlose ukuveza izinto ezinhle ngaleli lokishi elike laba sematheni eminyakeni edlule ngendaba yokubulalana endimeni yosomatekisi.

Lokhu kuvezwe abaphathi be-Edendale Football Association ngesikhathi kunemidlalo ngempelasonto yePhasika. Imidlalo ibisenkundleni yemidlalo eWadley kusukela ngoLwesihlanu yaze yaphothulwa ngeSonto.

Kule midlalo bekudlalwa ibhola lezinyawo. I-OK Mata iyona egcine idle umhlanganiso kanti bakhale bemuka nengxenye yemali engu-R3300.

“Inhloso enkulu yalo mqhudelwano wukuhlanganisa intsha ukuze iphume ezidakamizweni nasophuzweni oludakayo.

Sifuna ukuthi iEdendale yaziwe njengendawo ekhiqiza abadlali bemidlalo ehlukene abagijima esigabeni esikhokhelayo. Kulo nyaka lo mqhudelwano ukhule kakhulu. Inkinga enkulu esibhekene nayo wukuthi izindawo zokudlala eminye imidlalo asinazo.

Yingakho okwamanje sisagxile ebholeni lezinyawo kwabesilisa,” kusho uMnu Sanele Vilakazi we-Edendale Football Association.

Uthe bajabule kakhulu ngoba lo mqhudelwano bakwazi ukuthi bahehe abanye abadlali abakhulu abaphuma emaqenjini amakhulu afana njenge Mamelodi Sundowns, Amazulu kanye Kaizer Chiefs.

Kulemidlalo bekudlala izilomo zabadlali abafana noSimphiwe Mbambo owazakhela udumo kwi-Kaizer Chiefs, Sandile “AK47”owadla isicoco PSL Top Goal Scorer ne Dynamos ngo-2004, noDumisani Ngwenya owayeyibamba kwa Amazulu.

UMnuz Tom Ngcobo onguSekela Sihlalo we-EFA e-Edendale aphinde abe ngumhleli womqhudelwano uthe : “I-Edendale ibukeka isele ngemuva kwamanye amalokishi. Sihlale phansi ne-Executive[nesigungu] yethu sabona kungumqondo omuhle ukuthi siqhamuke nemidlalo yalolu hlobo. Siyakholwa wukuthi ezemidlalo zingenza ikusasa lentsha liqhakaze yingakho sisazoqhubeka nokuxhasa le midlalo,” kubeka yena.

I-Edendale Football Association ibonge uMnyango wezeMidlalo esifundazweni saKwaZulu-Natal, uDkt Siyabonga Khumalo kanye noMnu Sizwe Gwala ongasekho emhlabeni.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.