Imidlalo ka-Ward 34 iheha abaqeqeshi bamaqembu amakhulu

2019-07-24 06:00

IMIDLALO yomphakathi yaminyaka yonke yakwa Just Build- Ward 34 (Annual Community Sports Day) izobe ihanjelwe abaqeqeshi bezifanyana bamaqembu amakhulu ePSL neNational First Division.

Lokhu kuvele ngalelisonto nalapho abaqeqeshi noma abahlwayi makhono (scouts) abaqeqesha amajuniya (juniors/ development) amaqembu awosaziwayo kwiPSL exhumane nabagqugquzeli becela ukuzofaka iso ngoba phela bobe behlwaya amathalente.

Omunye wabaqeqeshi wamajuniya ozalwa khona la eMgungundlovu (Pietermaritzburg) osesebenzela iSuperSport United kodwa owazenzela udumo eminyakeni edlule kwiOrlando Pirates nalapho ayeqeqesha khona onkunzana abancane uJunior Bhengu uzithintele yena abagqugquzeli bemidlalo ka Just Build- Ward 34 Annual Community Sports Day enxusa ukuba amukeleke.

Umsunguli nomgqugquzeli walemidlalo nentatheli esimnkantshubomvu uJerry Barnes uvumile ukuthi usethole izincingo ezimbalwa amaqeqeshi abahlwaya amathalente (development coaches and talent scouts) becela ukuvakashela lemidlalo ka Just Build- Ward 34 Annual Community Sports Day.

“Owokuqala nje owasithinta ngokuza umqeqeshi uJunior Bhengu engimazi kudala esekwi Orlando Pirates kodwa manje osesebenzela iSuperSport United. Kukhona nabanye abanama Development Academy abazobe behambele lemidlalo yethu. Kuyintokozo kakhulu ngoba kuchaza ukuthi lemidlalo isihambe indawo ende futhi isiheha abantu abavela ezindaweni ezikude,”kusho uBarnes.

Omunye umqeqeshi osezenzele igama emphakathini waseSobantu ngokuqeqesha amalungu omphakathi uLungani Mchunu nowadlala ku AmaZulu, Royal Tigers nakwi African Wanderers naye uzoyihambela lemidlalo.

Kanti omunye wezinkakha owadlalela iMoroka Swallows, Maritzburg United neBafana Bafana uPeter Petersen naye uzobe eyingxenye yalemidlalo ngoba phela une academy yakhe.

Lemidlalo ka Just Build- Ward 34 Annual Community Sports Day izobe ingomhlla zingama-27 kuNtulikazi( July) ePanorama Primary School kusukela ngo 8am.

Amanye amaWadi namaqembu avela ngaphandle kwezinye izindawo nawo avumelekile ukuzodlala. Imidlalo izobe inongwe ngebhola lezinyawo (U17 and Seniors), ibhola lomnqakiswano (netball) kanye nezejubane (fun run/walk).

Kanti amaqembu abhekeke ukuthi atheleke ngezinkani njengokujwayekile, avela ezindaweni ezifana noEdendale, Sweetwaters, Machibisa, Caluza, Maqonqo, Imbali, Cato Ridge, IChanga, Richmond, Dambuza, Swayimana, Nkayishana, Cool Air kanye naseMshwathi. Kanti amaqembu afisa ukudlala kulemidlalo ayanxuswa ukuthi athintane no Jerry Barnes: 083 521 9553, jerryb.barnes228@gmail.com noma 8 Redwood Crescent, Panorama Gardens (PmBurg).

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.