Imile impilo kowalahlekelwa umama wakhe

2018-06-13 06:02

NAKUBA sekuphele iminyaka engaphezu kwengama-30 umndeni waka-Mkhize walahlekelwa amalunga awo amabili, lo mndeni uthi usanethemba lokuthi uzawathola amalunga awo.

UNks Ntombilina Mkhize waseMbali ku-Willowfontein Road nosowaziwa ngoJabu Sithole Road, wahamba eye emsebenzini emajalidini khona eMgungundlovu lapho kade esebenza kodwa akaphindanga wabuya. Ngokusho komshana wakhe uMnu Thokozani Zwane uNkk Mkhize wagcina ukubuya ekhaya ngonyaka ka-1967.

Uthe yayingekho ingxabano ngesikhathi uninakhulu wakhe ehamba kodwa wahamba engumuntu ozobuya njengenjwayelo.

“Wahamba washiya izingane zakhe ezimbili uJabulani kanye noNomthi naye esingamazi ukuthi washonaphi ngemuva kokuthathwa odadewabomawakhe.

“Kuthiwa wagcina ukubonakala endaweni yaseDambuza ngonyaka ka-1974. Sibuhlungu kakhulu ngalento ngoba njengoba noJabulani esekhule kangaka uyafuna ukwazi abazali bakhe kanye nezingane zakubo kwazise bahamba eseyingane kakhulu.

“Siyazi ukuthi sesihambe kakhulu isikhathi balahleka kodwa sesikhalela ukuthola umkhondo nje kuphela ukuthi engabe bashonaphi.

“Ngisho kungathiwa abasekho emhlabeni ukwazi nje ukuthi liphi ithambo labo ukuze sizokwazi ukuthi sibabuyise ekhaya sibangcwabe ngesizotha ukuze nabo bezophumula namalunga abo omndeni angasekho,” kubeka yena.

Uqhube wathi ziningi izinto ezingalungile ezidinga ukulungiswa kodwa futhi angeke zize zilunge uma kungukuthi uNks Mkhize kanye nendodakazi yakhe abatholakali.

“UJabulani impilo yakhe ayiqhubekeli phambili izinto zakhe ziyabheda ngoba kunezinto ekumele azilungiselwe umama wakhe omzalayo.

“Kunzima ke ukuthi lezo zinto zingenziwa omunye umuntu ekubeni singazi ukuthi umama wakhe usaphila yini noma akasekho singazi futhi nokuthi wnagcwatshelwaphi,” kuphetha yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.