Iminyaka emihlanu belinde kuqedwe indlu

2019-05-01 06:02
ISITHOMBE: sithunyelweSekuphele iminyaka engaphezu kwemihlanu indlu ingalungisiwe.

ISITHOMBE: sithunyelweSekuphele iminyaka engaphezu kwemihlanu indlu ingalungisiwe.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

NGEMUVA kokuba bakhelwa indlu yomxhaso ngonyaka wezi-2012 umndeni wakaHabebe eSweetwaters waba nethemba lokuthi izimpilo zawo sezizoshintsha kodwa lokho akuzange kwenzeke njengoba kuze kube imanje indlu yabo yomxhaso ayikakalungiswa.

Ngokusho kukaNks Zama Hadebe nokunguyena ingane endala njengoba sebashonelwa abazali uthe indlu yakubo yomxhaso yakhiwa ngonyaka wezi-2011 kodwa kwathi uma ngabe sekufanele ifakwe uphahla kwafika abantu ababezoyihlola babe sebethi ifeyilile bekungafanele yakhiwe ize ifike phezuku ophahleni.

“Basitshela ukuthi kwa feyila isilebhu ngakho ngeke baze bakwazi ukuthi bayifake uphahla ngaphambi kokuba bathole indlela yokuthi balungise umonakalo.

Bavula izimbobo kuyona baqeda bashiya kanjalo kuze kube imanje ayikho into eyenzekayo ngayo,” kubeka yena.

UNks Hadebe uthe ubehleli ehamba njalo eyobuza ehhovisi lenkampani eyakha izindlu u-VDA ukuthi kungani indlu ingalungiswa, kodwa bebehleli bethembisa ukuthi bazofika bazokulungisa kodwa kuze kube imanje akukalungiswa.

“Sengaze ngakhathala nami ukuloku ngigqigqa khona njalo into eyodwa engayi ndawo ngoba bebengangitsheli into ecacile ukuthi kwenzakalani.

“Kukhona abantu abafikile ngesonto eledlule nengikhokhelelwa ukuthi bebephuma khona ka-VDA bangena endlini yomxhaso baqede baziphumela ngabakhulumisa kodwa bangasho lutho bangachaza kunaloko bavele bavalelisa.”

Uthe kubaphatha kabi lokhu ngoba lendlu besebenethemba lokuthi izobasiza njengoba behlala beli-14 endlini enamagumbi amane kuphela. “Le ndlu yomxhaso bese iyithemba lethu ukuthi izoshintsha izimpilo zethu kwazise asisenabazali kanti futhi abanye bethu abasebenzi ukuthi singakwazi ukuzakhela thina indlu.

“Ukube sinawo amandla besizozifakela thina uphahla ngoba siyayidinga ngempela lendlu kodwa asikwazi. Le ndlu nje isiphenduke ithoyizi ngoba ayinamsebenzi. Ingena imvula makunetha igcwale amanzi kungene nenhlabathi phakathi asisazi kuthi senze njani,” kubeka yena.

Imizamo yokuthola ukuphawula kwe-VDA ayiphumelelanga.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.