IMthethomusha inqobe owamakwaya

2017-08-09 06:02

IKWAYA yabafundi babafana besikole samabanga aphansi iMthethomusha, esizinze kwaMachibisa, inqobe umcintiswano kazwelonke wamakwaya iMotsepe SASCE Foundation.

Uthishanhloko wesikole, uMnu. Msizi Gumede uthe njenge sikole bajabule kakhulu ngoku nqoba lomncintiswano.

“Ngicabanga ukuthi igama lesikole, umphakathi wakwaMachibisa, isifunda saseMgungundlovu kanye nesifundazwe saKwaZulu-Natal liphakeme ngalomphumela,” kusho uMnu. Gumede.

Uthe ufisa ukudlulisa amagama okubonga kubazali babafundi bekwaya ngokubekezela kwabo nokuthi bevumele izingane zabo ukuthi zicule ekwayeni.

“Ngifisa nokubonga nabo abafundi laba abanqobe lomncintiswano ngoba bebenikela ngamaholide abo ukuze bezozilolonga,” kusho yena.

UMnu. Gumede uphethe ngokubonga isigungu esingamele isikole (SGB) ngokweseka lekwaya.

Umculisi walekwaya, uMnu. Linda Gama uthe isihloko seculo abanqobe ngalo sithi Song of the Mountains.

“Bekungelula neze kodwa-ke ngomusa kaNkulunkulu sikwazile ukuthi sibuye nayo indodo kazwelonke,” kusho yena.

Ubonge umphakathi wakwaMachibisa, othisha besikole, uthishanhloko kanye nomhloli uMnu. Themba Ntuli ngokweseka lekwaya.

“Ngithanda nokubonga uMnu. Linda Ngcobo kanye namalungu ekwaya iMayibuye i-Africa abekade besilekelela kakhulu,” kusho uMnu. Gama.

Uthe ukuya phambili ikwaya yesikole izilungiselela ukuyoqopha icwecwe elixhaswe usodolobha waseMgungundlovu uMnu. Themba Njilo.

Uphinde wabonga nowaye nguthishanhloko walesikole kodwa osethathe umhlalaphansi uMnu. B.Z. Malinga ngendlela amuseka ngayo ngenkathi efika esikoleni ngonyaka ka-2000.

Uphethe ngokubonga unina wakhe uNksz Margaret Gama ngendlela abekade emseka ngayo, ubuholi besikole kanye noMnyango wezeMfundo.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.