Imvula ivale imigwaqo eSweetwaters

2019-05-01 06:01

IMVULA enamandla eqale ngempelasonto ivale imigwaqo endaweni yaseSweetwaters ngoLwesibili mhla zingama-23 kuMbasa (April) nokugcine kuvimba abanye abantu ukuba bangakwazi ukuthi baye emsebenzini kanti izingane zesikole zona zingakwazi ngisho ukuya esikoleni.

Le zimvula ezinamandla ezishiye imindeni eminingi isele dengwane, ziqale ngoMgqibelo esifundazweni sonke saKwaZulu-Natal nalapho zidale khona umonakalo omkhulu ezindaweni ezahlukene okubalwa khona nendawo yaseSweetwaters.

Kwezinye izindawo zesifundazwe okubalwa khona eThekwini imvula ishiye abantu bengenazo izindawo zokuhlala kanti abanye baze bashona ngesikhathi kubhidlika izindlu akade behleli kuzona.

Ibhuloho elisemgwaqeni uSkhakhane nelisetshenziswa abantu baKwaZayeka kanye nabakaGandaganda ukuwela kanye nezingane zesikole eziya esikoleni eSiyanda, liphenduke umfula ngenxa yemvula nokugcine kuphoqa abantu ukuthi bangakwazi ukuwela nezinye izingane zesikole zingakwazi ukuthi ziye esikoleni .

Ngokusho kwekhansela lakule ndawo uMnu Sbusiso Sithole uthe inkinga yaleli bhuloho akuyona into eqala manje sekuneminyaka engaphezu kwengama-20 libahlupha.

Uthe njalo uma kuke kwaba khona izimvula ezinamandla livele ligcwale amanzi kungahambeki kulona.

“Kuze kwaphoqa ukuba thina namanye amalunga omphakathi sizame ukuzilungisela ngamafosholo sizame ukususa amanzi akade egcwele khona. Sekukaningi sizama ukulubika lolu daba eMnyangweni wezokuThutha sibacela ukuba basinwebele lona baphinde bavule nomsele ozothutha amanzi ukuze angagcini esemile kulona kungasahambeki,” kubeka yena.

UMnu Sithole uthe ngaphandle kwaleli bhuloho ikhona neminye imigwaqo ethikamezekile ekungahambeki kuyona ngenxa yalezi zimvula kodwa wathi bebengathanda ukuthi lusukunyelwe phezulu udaba lwebhuloho ngoba ilona eliyinkinga kakhulu emphakathi.

“Kunemigwaqo ehamba amatekisini ngasesikoleni iSiyanda nayo ekuthi uma ngabe kunethile kungahambeki kuyona ngoba ivele iphenduke udaba namaxhaphozi njalo uma ngabe kunethile. Izona izinto uMnyango wezokuThutha esifuna usibhekelele ngazo zonke lezi ngoba ziyasihlupha,” kuphetha yena.

UMnu Sithole uthe uzophinda alubike udaba lwaleli bhuloho kanye nemigwaqo ebanikeza inkinga ukuze bezokwazi ukuthi bathole usizo lokuthi balungiselwe yona.Uma ngabe ufuna ukubona ama-video omonakalo owenzeke kuleli bhuloho vakashela ikhasi lethi lika-Facebook: Echo.

“Kuze kwaphoqa ukuba thina namanye amalunga omphakathi sizame ukuzilungisela ngamafosholo”.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.