Incazelo ngokushona kwengane

2019-03-06 06:02

UMNDENI walapho kushone khona ingane yakamakhelwane kade kudlalwa umdlalo wokushwiba ngentambo usugonyuluke okokuqala kwabezindaba seloku kwenzeka lesi sigameko.

Lo mndeni wakaMaphanga ukhulume ne-Echo ngoLwesihlanu olwedlule mhla zingama-22 kuNhlolanja (February ) ekhaya lawo eMbali AA.

Loku kulandela isigameko sokushona kuka Luthando Makhathini (10) nowashonela kulomuzi ngesikhathi edlala nezingane zakuwona lo muzi. ULuthando kuthiwa babedlala umdlalo obizwa ngokujwikeleza nalapho kuthiwe babeka khona ibhakede bese bafake intambo emqaleni bese beyashwiba ikhanda libheke phansi bese lowo oshwibayo abambe intambo emqaleni ukuthi ingamuklinyi.

Lo mndeni uthi uphatheke kabi kakhulu ngalesi sigameko ikakhulukazi ngoba uLuthando bebemuthanda futhi bemuthatha njengenye yezingane zakhona.

UNkk Thembisile Maphanga (60) nongumnikazi womuzi uthe baphatheke kabi ngento eyenzeka, wathi okwenza kube buhlungu kakhulu indlela abantu esebeluxoxa ngayo lolu daba nokubenza kubesengathi abangazinaki izingane.

“ULuthando wafika lapha ekuseni ngeSonto kungakashayi ngisho ihora lesishiyagalolunye ekuseni (8am) esegqokile ethi uya kusontosikole.Samuvulela sathi akangene ngoba izingane zalayikhaya zazisagqoka.

Sahamba sonke saya esontweni sabuya wahlala layikhaya wangaya kubo ngabenzela ukudla nezingane zalayikhaya eneminyaka eli-10 neneminyaka eyisithupha.Ngabathuma komunye umuzi ose-BB bahamba babuya nokwathi uma bebuya baphuma endlini bahamba baya kodlala emnyango ngoba into ababeyijwayele.

“Mina ngase ngilungiselela ukubhaka amakhekhe ngoba ngiyawadayisa kanti indodakazi yami yona uThandeka naye wayematasa lapha endlini elungisa amabhodwe.Okokuqala ingane lena eneminyaka eyisithupha sezwa kuthiwa ibigibelile yabe isidilizwa uyena uLuthando,” kubeka yena.

Lo mndeni uthe izingane zazidlala endlini ewulawondi owakhiwayo ongakapheli oshoda ngophahla ngoba into ezijwayele ukuyenza kodwa uma ngabe usendlini awukwazi ukubona umuntu ongaphakathi kulo lawondi.

UNkk Thandeka Maphumulo uthe ngemuva kokuba yethuliwe ingane lena eneminyaka eyisithupha wezwa izingane sezimemeza zithi uLuthando usewile.

“Ngazibuza ukuthi usewe kanjani manje uLuthando ngoba uphuma la endlini manje engenalutho nganganaka okokuqala kodwa baqhubeka bamemeza bathi usewile angigijime. Ngahamba ngaya khona ngafika esewile elele ngendlela embi ngabe sengiyazama ukumlungisa ngimlalise kahle kanti noMa naye wayesefikile wabiza omakhalwane kwathunyelwa nokuthi kuyobizwa ugogo wakhe uLuthando.

“Ngacela abafana ukuba bangisize simbeke emthunzini ngoba lapho ayelele khona kwakunelanga.ULuthando aze awe phansi nje wathulwa ingane lena eneminyaka eyisithupha entanjeni lena ababedlala ngayo.Sazama ukumsiza kwaze kwafonelwa ne-ambulensi kodwa yafika sekwedlule isikhathi,” kubeka yena.

UNkk Maphanga uthe waze wafonela omunye umhlengikazi abasonta naye ukuba aphuthume eze azosiza ngoba bona babengazi ukuthi benze njani.

“Wasitshela ukuthi kunomthambo oshaya kancane asizame ukumphuthumisa emtholampilo eMbalenhle nokuyilapho safika sathola khona ukuthi useshonile vele,” kusho yena.

UNks Maphumulo uthe namanje kusanzima kuyena akakwazi nokulala ebusuku njengoba umphefumulo kaLuthando waphumela ezandleni zakhe ngesikhathi ezama ukumlungisa.

“Kubuhlungu nathi kuthina ngisho nezingane lezi ezincane zalayikhaya kunzima kuzona ngenxa yento ezayibona.Seloku kwenzeka lesi sigameko azisangeni endlini karawondi azisasondeli nje ukuyodlala khona,” kuphetha uNks Maphumulo.

ULuthando ufihlwe ngempelasonto.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.