Indida kubulawa obesezokwembeswa

2019-10-30 06:01
UNks Nompilo Madondo otholwe ebulewe ngoLwesine.ISITHOMBE: sithunyelwe

UNks Nompilo Madondo otholwe ebulewe ngoLwesine.ISITHOMBE: sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

USELE nemibuzo engaphenduleki umndeni wakaMadondo eMbali Unit 2 ngemuva kokutholakala kwesidumbu sendodakazi sidindilize endlini ebeyihlala kuyo.

UNks Nompilo Madondo (26) utholwe ebulewe endlini akade ehlala kuyona nesoka lakhe emafulethini ase-Aloe Ridge ngoLwesine ntambama. Isidumbu sikaNompilo sitholwe umzala wakhe simbozwe ngengubo phezu kombhede.

Ngokusho kukamama wakhe uNkk Ntombizodwa Madondo uthe wagcina ukukhuluma nendodadakazi yakhe ngoLwesibili. Uthe wayeloku ezama ukuyifonela kusuka ngoLwesibili ubengasamtholi ocingweni lakhe nokuyilapho asola khona ukuthi kukhona okungalungile.

“NgoLwesithathu ngamfonela ngangamthola ngabe sengifonela umlisa lona akade ehlekisana naye ngambuza.

“Ungingitshele ukuthi indodakazi yami ayikho iseThekwini kukhona umuntu ehambe naye ngokomsebenzi izobuya ngoLwesine ekuseni.

“Uthe into eyenza ukuthi ngingayitholi ocingweni indodakazi yami ingoba ilahle umakhalekhukhwini,” kubeka yena. Uthe ubelokhu eqhubeka ezama efonela lona obehlekisana noNompilo ebuza ukuthi kungabe unjani uNompilo. “NgoLwesine ungitshele ukuthi uzohamba ayomlanda eThekwini abuye naye. Uma ngabe sengifona ngoLwesine ungitshele ukuthi yena usendlini. Ilapho ke ngiqale ukusola khona ukuthi kukhona okungalungile.”

UNkk Madondo ube esethumela isihlobo ukuthi siyobheka endlini lapho kade behlala khona. Ngesikhathi sifika umnyango ubuvaliwe kwaze kwabekwa nesiqandisi ukuvimba abantu ukuthi bangakwazi ukungena. Umnyango kuze kwadingeka ukuba uvulwe ngendluzula isona isihlobo kanye namaphoyisa.

“Ngesikhathi sebewuvulile umnyango ngendluzula ilapho ke la bethole khona isidumbu sikaNompilo simbozwe ngengubo sesibanda qa. Umakhalekhukhwini wakhe ubukhona eduze kwakhe kodwa wenziwe ukuthi zingakwazi ukungena izingcingo.

“Sicabanga ukuthi indodakazi yami bese inezinsuku ibulewe. Umuntu oyibulele ubehleli nesidumbu hlampe esasicabangela ukuthi uzosenzani.

“Sibuhlungu kakhulu siwumndeni. Okubuhlungu kakhulu ukuthi lomuntu ebengiloku ngikhuluma naye ocingweni ngibuza uNompilo kusho ukuthi ubese azi vele yena ukuthi useshonile kodwa ubeloku esikhohlisa.

“Ngisho omakhelwane akade ehlala eduzane nabo uNompilo bayasho ukuthi wagcina ukubonakala ngoLwesibili emini. Indodakazi yami ibizombeswa ngoMgqibelo lo esiya kuwona kodwa manje silungiselela umngcwabo wayo. Sibuhlungu nje kakhulu.

“Indodakazi yami ingeve ijabule njengoba bese kusondele usuku lwayo lomembeso. Sonke siwumndeni besijabulile kodwa manje simatasa silungisela usuku lomngcwabo.

Okhulumela amaphoyisa esiteshini i-Alexandra Police Station uKapteni Kholeka Mhlongo usiqinisekisile isigameko.

Uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala kodwa bekungakaboshwa muntu basalandela umkhondo.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.