Ingabe ziqale phansi izigameko zokubulalana e-033 Lifestyle?

2016-09-07 06:00
Indawo yobumnandi i-033  Lifestyle.PHOTO:nokuthula khanyile

Indawo yobumnandi i-033 Lifestyle.PHOTO:nokuthula khanyile

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUBUKEKA ziqhubeka zanda izigameko zokudutshulwa kwabantu endaweni yobumnandi i-033 Lifestyle eselokishini laseMbali kulandela ukudutshulwa kwamadoda amabili abehambele lendawo ngeSonto ekuseni.

UThembelani Mbhele udutshulwe washonela endaweni yesigameko kwase kuthi umngani wakhe uXolani Cele yena wasinda ngokulambisa.

Lendawo ehanjelwa kakhulu abantu abasha ike yaba nezigameko zokuchitheka kwegazi phambilini njengoba esigamekweni esashaqisa abaningi ngonyaka ka 2012 kwadutshulwa kwabulawa uBuhle Nqunqa esidlangalaleni kubuka wonke umuntu.

Ngokuthola kwe-Maritzburg Echo, uCele noMbhele bebehambele lendawo ngesikhathi kuqubuka ingxabano nomunye wesilisa ogcine ngokuthi abaleke angene emotweni yomngani wakhe ebipake ngaphandle kwase-033.

Okhulumela amaphoyisa ase-Plessislaer nokuyiwona aphenya icala lokubulala kanye nelokuzama ukubulala uKapteni uMusa Ntombela uthe uMbhele no Cele balandele lona akade bexabana naye endaweni engaphandle yokupaka izimoto.

“Kusolakala ukuthi bamlandelile babe sebeyalela umshayeli wemoto nongumsolwa kulelicala ukuthi amkhiphele ngaphandle kepha wenqaba. Kubikwa ukuthi bavele baphihliza iwindi lemoto ngetshe umshayeli wabahamba nokuyilapho ebuye khona esehlomile wavulela ngenhlamvu kwashona oyedwa.”

UNtombela uthe kumanje bekungakaboshwa muntu mayelana nalesigameko. Ozibize ngemenenja esebenza ebusuku kuyona lendawo yokuzithokozisa ephawula mayelana naloludaba uphikile ukuthi lesigameko besihlanganisa amakhasimende abo.

“Kusiphatha kabi ukuzwa sekuthiwa lesigameko senzeke emagcekeni ase-033 ngoba lokho akulona iqiniso, akekho umuntu olimale lapha ngeSonto ngisho nangaphandle kwesango onogada bethu abazange bezwe lutho.”

Lemenenja ithi nabo bezwe ngalesigameko befika bezovula ngoMsombuluko ekuseni.

“Lesigameko senzeke emuva kwehora lesibili thina sesivalile. Ukube senzeke sisekhona ngabe onogada bethu ababa semgwaqeni kukhona abakubona futhi namaphoyisa awakaze afike ezosihloma imibuzo ngoba ayazi ukuthi asihlangene nokwenzeka thina,” kusho yena.

Omunye umthombo we-Maritzburg Echo othi wawukhona kulendawo kwenzeka lesigameko uthe kwakusavuliwe e-033 ngesikhathi lamadoda edutshulwa. “

Kwase kuphithizela amaphoyisa kungasahambeki, kuyiphutha ukuthi bathi babe sebevalelile ngoba kwakusavuliwe e-033 ngesikhathi mina laba bedutshulwa futhi babekade behleli khona.”

UCele okubikwa ukuthi usesimweni esibucayi kwesinye sezibhedlela kuthiwa waphuthunyiswa eMbalenhle Clinic emuva kokudubuleka. Kanti omunye wonogada base Mbalenhle okhulume naleliphephandaba uthe onogada ababesebenza ngeSonto ebusuku bathwala kanzima njengoba abangani baCele bangena ngodli babakhomba ngezibhamu befuna ukumbona ngenkani. “Kwaze kwaphoqeleka ukuthi kubizwe amaphoyisa cishe kathathu ngoba babefuna ukumela odokotela ngenkani ngesikhathi bezama ukusindisa impilo yomngani wabo.”

Imizamo yokuthola umndeni kaMbhele oshone kulesigameko ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
 

5 top leg exercises for men

Here’s our selection of the five best leg exercises that you can do in the comfort of your own home.

 
 

You won't want to miss...

10 best dressed men of 2017
How to open a beer bottle without an opener
WATCH: Man films himself going down water slide upside down as things go very wrong…
WATCH: Conor McGregor: Notorious the trailer
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.