INGOSI: Sengiqala ukuyisola indaba yeRandi, kanti liwa uma kwenzenjani?

2017-12-20 06:00

ININGIZIMU Afrika ibhekene nezinkinga eziningi kulo nyaka, nokuyizinkinga ezihlaba kakhulu umnotho wezwe.

Umhlaba wonke ubuka leli lizwe, kodwa awulibuki kahle, impela singasho sithi izinqa zethu zihleli obala futhi zonke izinto zimapeketwane.

Uhulumeni uma ethi uvala ngapha, kuvuleka ngale, hhayi impela amanzi angena endlini wonke.

Isimo esasifaka ehlazweni elikhulu siyizwe kwaba wudaba lomndeni wakwaGupta kanye nombiko omayelana nemizamo yokubamba uMbuso ngobhongwane.

Abamaphephandaba babezitamuzela ngalolu daba oluveza izinga lenkohlakalo nokukhwabanisa eNingizimi Afrika, konke lokhu kwakubeka uMengameli weZwe uJacob Zuma ehlazweni. Lawa iRandi, sangena kwinzikamnotho, abatshali bezimali babamanqikanqika ngekusasa kanye nokuthembeka kwezwe.

Lo mbiko uphuma nje, umnotho uyacwila vele, izingcweti zazikhala ngokuxoshwa kukaNgqongqoshe wezeziMali uPravin Gordhan kwathiwa uZuma usenzele phansi siyizwe ngokukhipha isithenjwa okuyisona ebesibeka iNingizimu Afrika ekukhanyeni. Yangena ishintshana imibiko yokucwila komnotho.

Zanda izinkinga zakuleli ngezigemegeme zakwa-Eskom, kwawudaba lwe-KPMG kwacaca ngempela ukuthi leli lizwe licwilile.

Yathi ikhulunywa indaba yokuwa kwe-Randi wabe eshilo uNgqongqoshe wezaManzi nokuThuthwa kweNdle uNomvula Mokonyane ukuthi akunankinga “sizolicosha.”

Bacasuka abantu bebuza ukuthi uyisho kanjani into efana nalena.

Manje, sikhuluma nje azipheli izingqinamba esibhekene nazo siyizwe, njengoba kusanda kuvela ukuthi kunenkohlakalo eyenziwe abakwaMultiChoice nokuyinkampani engaphansi kwesikhondlakhondl iNaspers.

Hawu, langathi nyaka iRandi, yaxoxwa le ndaba kodwa futhi kwangacaca kahle ukuthi umsuka wayo uqala kuphi futhi ibhekephi! Hhayi sithe sisetshisa le kaMultiChoice, nalu udaba olusha lwenkohlakalo eyenzeka kwaSteinhoff.

Indaba lapha ithi kunenkampani ezinze kwelaseGermany ebiphenya le nkampani ngokukhwabanisa intela. Sisadidekile ngalokho, wasula umphathi wale nkampani.

Le nkampani ingeye yezinkampani ezinkulu kuleli ngakho-ke izindaba ezifana nalezi ziwulimaza kakhulu umnotho. Kodwa, cha, asikaze siyizwe eyokuwa kwe-Randi. Kulezi zigameko zeSteinhoff kanye neMultiChoice, udaba oluhamba phambili wukwehla kwentengo yamasheya alezi zinkampani, kodwa lutho iRandi.

Ngabe lokhu kusho ukuthi iRandi aliphazamiseki ngalolu daba? Yiziphi izimo ezenza iRandi libe ntekenteke, ngoba lithule impela lihleli ngentombi nokusho ukuthi konke lokhu okwenzekayo akusiphazamisi ngalutho siyiNingizimu Afrika?

OBHALILE, NONKULULEKO NHLAPO

- News24

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.