Ingwijikhwebu kwelikaMaqatha

2018-10-24 06:00
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaAmalunga omphakathi akade ebhikisha ngaphandle kwenkantolo ngoLwesine olwedlule.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaAmalunga omphakathi akade ebhikisha ngaphandle kwenkantolo ngoLwesine olwedlule.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

LISHAYE ingwijikhwebu icala likaMsawenkosi ‘Maqatha’ Mchunu njengoba umbuso ugcine usufaka isicelo sokuthi ucela iMantshi u-Adv Ashwin Singh ukuba agudluke ekwangameleni leli cala.

Lokhu kwenzeke ngoLwesine olwedlule mhla zili-11 kuMfumfu( October) ngesikhathi abasolwa bevele enkantolo ukuba bazofaka isicelo sebheyili. Abasolwa abathintekayo uNkosinathi Gambu, Skhanyiso Zimu, Sfiso Mbelu, Mlungisi Zimu, Ayanda Ngubane kanye noGift Zungu.

Lowo omele umbuso uNks Reene Padayachee ufake incwadi efungwele ebhalwe umphenyi wecala nalapho kade isho khona ukuthi bacela imantshi igudluke kuleli cala ngoba beyisola ngokuchema. Lencwadi efungelwe ebeyinamakhasi ali-16 okubalwa khona nezithombe. Iveze ukuthi mhla zingama-20 kuMandulo (September) umbuso wathola umbiko othi imantshi inokuxhumana nalowo oyisekela Meya laseMgungungundlovu uNkk Fucwana nongumzali wabanye wabasolwa uGift Zungu aphinde abe yisiihlobo sikaNkosinathi Gambu . Iqhube yathi ngemuva kokuthola lemibiko babona kubalulekile ukuthi bayithathe njengodaba oluphuthumayo nokwabenza ukuba baqale baphenye bafune i-video yasenkantolo ehleli iqopha ukuze bezobona yonke into .

Ithe into abayitholile ukuthi kwabonakala imantshi ixoxa nabameli babasolwa emhubheni wamahhovisi ezimantshi engekho umshushisi wecala waphinde wabamba nomhlangano nabo owathatha cishe imizuzu emihlanu nethe abakuboni kuwubulungiswa ukuba iqhubeke yengamele leli cala.

Imantshi u-Adv Singh uziphikile lezi zinsolo wathi akakaze ahlangane nesekela meya futhi akalazi noma lingumuntu wesifazane okanye umuntu wesilisa.

Uthe ukukhuluma kwakhe nabameli babasolwa akusho ukuthi uchemile kwazise wayekhuluma nabo endaweni evulelekile ngesikhathi beyoba nomhlangano nalowo owengamele izimantshi.

“Kuyangethusa ukuthi umbuso uveza izinsolo ezifana nalezi. Angazi nanokuthi imuphi umsolwa ohlobone nesekela meya nalo isekela meya futhi angilazi.Zingiphatha kabi lezi zinsolo zombuso kodwa angidiniwe. Umbuso usufuna ukwenza konke okusemandleni ukungisusa kuleli cala. Ukuhlasela imantshi enkantolo evulelekile akwamukelekile. Angeke ngize ngigudluke kuleli cala umbuso usungasidlulisa isicelo sawo uma uthanda,” kubeka yena.

Nakuba kunjalo ngoLwesihlanu mhla zili-13 kuMfumfu(October) itshe lase ligaye ngomunye umhlathi njengo imantshi inqume ukuba igudluke kuleli cala ukuze kuzongena enye imantshi ezolengamela.

Icala libe selihlehliselwa uMsombuluko mhla zili-15 kuMfumfu nalapho abasolwa kade sebevela ngaphambi kweMantshi entsha u-Adv S. Mabuyi. Icala labo liphinde lahlehliselwa umhla zingama-23, 24, 25 kanye no 26 kuMfumfu ukuze bezofaka isicelo sebheyili.

Abasolwa sebechithe isikhathi esingaphezu kwenyanga bebhadle esitokisini bengakasifaki ngisho isicelo sebheyili.

UMnu Sbusiso Mkhize owayeyikhansela aphinde abe ngomunye wabagqugquzeli bomphakathi ukuba uphume ngobuningi ukuzokweseka umndeni kamufi uthe bayathemba ukuthi kuzokwenzeka ubulungiswa.

“Sisagculisekile njendlela icala elihamba ngakhona okwamanje. Siyathemba ukuthi kuzoqhubeka kanjena kuze kufike ekugcineni ngendlela ezokwenza ubulungiswa.

Kwakhona ukuthi kuze kushintshwe imantshi kuyakhombisa ukuthi nanoma yini encane esolakalayo ukuthi ayizohamba kahle kuyakhombisa ukuthi umthetho udlala indawo yayo,” kubeka yena.

Ube esethembisa ukuthi amalunga omphakathi azobe ephume ngobuningi bawo ukuzokweseka umndeni wakaMchunu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.