Inhlangano ifuna ukusiza abadlali bebhola abasafufusa

2019-05-22 06:01

INHLANGANO engenzi nzuzo, Isiphiwosethu Organisation, yaseMbali ithi izimisele ukusiza abadlali bebhola abasakhula ukuthi nabo bagcine sebekwazile ukuphumelela kwezikanobhutshuzwayo.

Le nhlangano isungulwe eminyakeni emibili eyedlule.

Ngokusho kukaMnu Sandile Mngadi nongelinye lamalunga ayo uthe inhloso enkulu ukuthi basize abafana abancane abasakhula ukuthi bakwazi ukuthuthukisa ikhono labo ebholeni likanobhutshuzwayo.

Uthe le nhlangano ibhekelele abafana abadlala ibhola abeneminyaka ephakathi kweli-11 nengama-22 ubudala.

“Baningi kakhulu abafana ezindaweni esiphuma kuzona abanethalente lokudlala ibhola lezinyawo kuwukuthi abazi ukuthi esiphi isinyathelo ekumele basenze ukuze bezokwazi ukuthi balithuthukise ikhono labo.

“Thina njengenhlangano sifuna ukudlala indima yokuba yibhuloho elizokwazi ukuthi lixhumanise abafana laba abadlala ibhola nezinhlaka ezifanele lezo ezizobasiza ukuba bakwazi ukuthuthukisa amakhono abo kwezikanobhutshuzwayo,” kubeka yena.

Uqhube wathi nakuba kuyisifiso sabo leso njengenhlangano engenzi nzuzo bangalujabulela uxhaso ukuze bezokwazi ukuthi bathumele abadlali ezindaweni lapho kuyohlungwa khona abadlali emaqenjini amakhulu.

“Uma singakwazi ukuthi sithole abaxhasi singakwazi ukuthi sithumele izingane esizibonayo ukuthi zinethalente kanti futhi zizimisele ngezebhola uma ngabe kukhona ukuhlungelwa okukhona emaqenjini lawa amakhulu.”

UMnu Mngadi uthe abasizi nje kuphela izingane zaseMgungundlovu kodwa babheka isifundazwe sonke saKwaZuu-Natal.

Uma ngabe ufuna imininingwane egcwele ungathintana noMnu Sandile Mngadi enombolweni ethi 074 558 6933.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.