Inhlangano ikhathazekile ngenkinga yamanzi kuma-ward

2018-06-20 06:00

INHLANGANO ebhekelele ezemvelo i-Green Network ithi ikhathazekile ngenkinga yamanzi eqhubeka ezingxenyeni zezindawo ezingaphansi kuka-ward 4 kanye no-ward 5.

Izindawo ezithikamezekile kakhulu kubalwa kuzona KwaMnyandu, e-Henley Dam kanye neSnathing.

Inkinga yamanzi kulezi zindawo kuthiwa seyiqede iminyaka emine (4) ikhona. Kuthiwa kuphela kuphela isonto lonke amanzi engekho, kwesinye isikhathi abuye isikhashana ngezikhathi zasemini abantu bengekho besemisebenzini bathi babuya emsebenzini engasekho.

Umphakathi wakulezi zindawo ususizwa amaloli athwala amanzi nawo abuye engafiki kwezinye izingxenye zalezi zindawo.

UMnuz Nkanyiso Khumalo we-Green Network uthi sekukaningi beyibuka le nkinga iqhubeka kulezi zindawo kodwa kungekho okwenzekayo.

Uthe kunokuba isimo sibe ngcono ubona sifuna ukuphuma esandleni.

“Eminyakeni embalwa edlule ngesikhathi kunesomiso bekuzwakala ukuthi mhlawumbe yisona esenza kungabikhona amanzi kodwa manje asazi ukuthi yini edala ukuthi abantu bancishwe amanzi. Njengabantu ababhekelele ezemvelo kusiphatha kabi ukubona abantu bengayitholi into ebaluleleke njengamanzi. Le miphakathi ayitholi ngisho isexwayiso sokuthi amanzi abo azovalwa ukuze bezozihlinzeka ngokuthi bawakhe bawagcine emabhakedeni. Abantu banelungelo lokuthola amanzi kanti kungumsebenzi kamasipala ukuthi ubahlinzeke ngezidingo zabo,” kubeka yena .

UMnuz Khumalo uthe basola ukuthi ukuvalwa kwamanzi kulezi zindawo kuhlangene nezimpi zepolotiki eziqhubeka ngaphakathi kulo masipala.

“Okusididayo wukuthi lapho kuhlala ngakhona iMeya kanye nekhansela akhona amanzi ayaphuma kodwa kwezinye izindawo awaphumi ekubeni bengaphansi kuka-ward 4 no-ward 5. Uma bekwazi ukuthi bawavule lapho kuhlala ngakhona iMeya sinesiqiniseko sokuthi bangakwazi ukuwavula nalapho kuhlala khona amanye amalungu omphakathi. Sekuyisikhathi sokuthi umphakathi uhlinzekwe ngezidingo zawo,” kubeka yena.

Umphakathi wakule ndawo uthi usukhathele ukuthutha amanzi emalolini athwala amanzi ngoba kwesinye isikhathi basuke bengekho emakhaya.

“Abanye bethu bayasebenza sibuya ntambama sishiye amakhaya kungekho muntu. Uma kufika iloli elithutha amanzi ubani ozokukhelela wena ngoba uma ungekho kusho ukuthi usele angeke lize libuyele wena wedwa ntambama futhi ngosuku olulandelayo lisuke likwenye indawo. Siyafisa ukuthi le nkinga ilungiseke nathi sikwazi ukuthola amanzi,” kubeka elinye ilungu lo mphakathi elingathandanga kudalulwe igama lalo.

Ikhansela lakwa-ward 4 okubalwa khona izindawo ezifana neHenley naKwaMnyandu uMnuz Mlungisi Zondi uthe ngeke aze asho ukuthi kukhona inkinga yamanzi kule ndawo kwazise amaloli athutha amanzi afika zonke izinsuku elethe amanzi.

Uthe into eyenza ukuthi abantu abahlala eHenley bagcine sebelethelwa amanzi ingoba ithangi eliKwaMnyandu okumele ngabe lihlinzeka abantu ngamanzi alisakwazi ngoba isibalo sabantusesande kakhulu.

“Amaloli aletha amanzi kule ndawo afika ngisho kuyiSonto ezohlinzeka umphakathi. Aze aphoqeleke ukuba athuthe amalodi amabili njalo ngosuku kodwa inkinga ekhona ukuthi ngeke aze akwazi ukuhambela indawo yaseHenley yonke ngosuku olulodwa kodwa ayashintshanisa ukuthi uma ekade ekwelinye uhlangothi namhlanje ngosuku olulandela aye kolunye uhlangothi.

“Ithangi leli ekumele engabe ilona eliphakela abantu abaseHenley amanzi selivele lali ncane kakhulu kwazise sekukhona nenye indawo entsha ebizwa ngokuthi iseMbiza eyiphakelayo nokuyindawo efana neHenley,” kubeka yena.

Uqhube wathi nakuba befisa ukuthi balekelele ekutheni ompompi bakulezi zindawo baphume amanzi inkinga isekutheni indawo yase Henley iphethwe Umngeni yingakho kunzima ukuthi ithuthukiswe.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.