Inhlangano iklomelise abantwana ngezitifiketi

2019-07-17 06:01
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaEzinye zezingane eziklonyeliswe ngezitifiketi.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaEzinye zezingane eziklonyeliswe ngezitifiketi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INHLANGANO engenzi nzuzo Izimbalizesizwe yaku-ward 16 iklomelise abantwana abali-100 ngezitifiketi ngemuva kokuba bebe yingxenye yohlelo lokufunda olwethiwe ngokuthi “Healthy choices” (izinqumo ezinempilo).

Umcimbi wokuklomelisa laba bantwana bewusehholo laseMbali Unit J ngoLwesihlanu mhlaka-5 kuNtulikazi (July).

Lolu hlelo lubhekelele izingane zabafana nezamantombazane ezineminyaka ephakathi kweli-10 kanye ne-17 ubudala.

Ngokusho kuka Nkk Sithembile Ndlovu wale nhlangano, uthe kulolu hlelo bebesebenzisana noSiyayinqoba. Uthe inhloso yalo ukuthi bafundise izingane ngokuthatha izinqumo ezilungile ngezimpilo zazo baphinde bagqugquzele ukusebenzisana phakathi kwabazali kanye nezingane.

“Lolu hlelo lokufunda luthathe izinsuku eziyisikhombisa. Zonke izinsuku umfundi nomfundi ubethola umsebenzi wasekhaya ebekumele ukuba awenze nomzali wakhe ndawonye bese bayasayinda bobabili. Lokho sikwenze ngoba sifuna ukuthi izingane zikwazi ukuthi zixoxisane nabazali bazo ngezinto ezahlukene ezithinta izimpilo zabo kanye nokuthatha izinqumo zabo,” kubeka yena.

Uthe bekungokokuqala belwenza lolu hlelo kodwa wathi sekuyinto abazoyenza njalo uma ngabe kuvalwe izikole ukuze izingane zingaphazamiseki esikoleni.

“Akuzugcina-ke kodwa ngokuthi sibaklomelise ngezitifiketi kodwa sizoqhubeka sibalandelele sithole ukuthi baqhuba kanjani empilweni.”

Ngaphandle kwalolu hlelo le nhlangano iphinde ibe nohlelo lokuphakela ogogo kanye nabantwana abahlwempu ukudla. Baphinde babe nama-support group nalapho abantu bethola khona ukuthi baxoxe ngezinkinga ababhekene nazo baphinde bathole ne-zeluleko.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.