Injabulo behlomula ngezinsizakufunda

2019-09-18 06:00
ISITHOMBE: sithunyelweKungesikhathi kuvulwa ngokusemthethweni igumbi lamakhompyutha kanye nomtapowolwazi esikoleni i-Russell Primary.

ISITHOMBE: sithunyelweKungesikhathi kuvulwa ngokusemthethweni igumbi lamakhompyutha kanye nomtapowolwazi esikoleni i-Russell Primary.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ISIKOLE samabanga aphansi i-Russell Primary School eSobantu ihlomule ngamakhompyutha anikelelwe inkampani i-Cargill ekhona endaweni yaseSobantu.

Lokhu kwenzeke ngoLwesine olwedlule mhlaka-5 kuMandalo (September) nalapho kade sekuvulwa khona ngokusemthethweni isikhungo sama khompyutha. Ngokusho kukathishanhloko wakulesi sikole uNks Thandiwe Mkhize uthe lolu hlelo lokuxhasa isikole le nkampani ilwenze ngokuhlanganyela nenhlangano engenzinzuzo iKusaselihle.

Lesi sikole sihlomule ngamakhompuytha angama-20 kanye nama-laptop amahlanu aphuma enkampanini iCargill, ama-tablet angama-20 aphuma enhlanganweni iKusaselihle.

Akugcinanga lapho njengoba le nkampani iphinde yabalungisela umtapowolwazi yaphinda yabanikezela ngezincwadi.

“Sijabulile kakhulu njengesikole. Lezi zinto esizitholile zizoba usizo kakhulu esikoleni kanye nasezimpilweni zabafundi bethu,” kubeka yena.

Uthe isikole besivele sinalo igumbi lama khompyutha kanye nomtapowolwazi kodwa konke bekungasekho ezingeni eligculisayo.

UNks Mkhize uqhube wathi:“Amakhompyutha abafundi akade befunda ngawo abesemadala kakhulu kanti umtapowolwazi wona ubungenazo izinsiza ezanele ukuthi ungasebenza kahle. Amakhompyutha abeli-10 kuphela nabenganele ukuthi angafunda zonke izingane esinazo esikoleni. Ngaleli nani elikhulu elifikile kuzokwenzeka omkhulu umehluko. Siyabonga kakhulu kubona bonke abantu abelule isandla ukwenza isiqiniseko sokuthi konke kuba impumelelo. Abafundi bethu sebezofunda kahle kakhulu sebethole nezinsiza.” Uthe isikole kanye nenkampani kwaqala ukusebenzisana ngonyaka wezi-2016.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.