Injabulo benikwa amatayitela ezindlu zabo

2016-08-03 06:00
PHOTO: snokuthula khanyile Imenenja yomasipala woMsunduzi uSizwe Hadebe, ukhansela u-Eunice Majola bemukelisa uMnuz Dlezakhe Khumalo itayitela lakhe.

PHOTO: snokuthula khanyile Imenenja yomasipala woMsunduzi uSizwe Hadebe, ukhansela u-Eunice Majola bemukelisa uMnuz Dlezakhe Khumalo itayitela lakhe.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IBIBHALWE ebusweni injabulo kuMnuz Dlezakhe Bethwell Khumalo (59) wakwaPata obengomunye wabantu abangu 100 abahlomule ngamatayitela ezindlu emcimbini obungoMgqibelo enkundleni yezemidlalo e-Ashdown.

UKhumalo uthe bese kuphele iminyaka belinde amatayitela ezindlu zabo zomxhaso kanye nokubuyiselwa umhlaba nobunini, “Bese size sakhohlwa ngoba bese kudlule iminyaka eminingi safaka izicelo zamatayitela kodwa siyajabula ukuthi sekugcine kwenzekile.”

Obekhulumela umasipala woMsunduzi u-Eunice Majola uthe abakwenzi lokhu ngoba sekusondele ukhetho. “Sike sixakeke uma abantu besibuza ukuthi kungani sisebenza ngoba sekusondele ukhetho. Impendulo ithi asisebenzi ngoba sekusondele ukhetho kodwa sisebenza ngaso sonke isikhathi. Ukukhishwa kwalamatayitela kuyingxenye yohlelo lwe-ntuthuko edidiyelwe okuyiyo esithola ngayo ukuxhumana nomphakathi sizwe ukuthi ushoda ngani.”

UMajola uthe ama-wadi ahlomulile kuloluhlelo lokunikezelwa ngamatayitela u-ward 10, 13 kanye no 18 wabe esethembisa ukuthi loluhlelo luzoqhubeka luye nakwamanye amawadi. Ube esesebenzisa lelithuba ukunxenxa abantu ukuba bavotele inhlangano ka-ANC kulolukhetho lohulumeni basekhaya “Mukhulu umsebenzi osuwenziwe umasipala ukuthuthukisa izimpilo zabantu bakulelidolobha. Siyanxusa ukuba nisivotele ukuze sizokwazi ukuthi siqedelele lomsebenzi ebese sivele siwuqalile,” kusho uMajola.

Uthe umasipala uyakuqonda ukuthi ziningi izinto ezisashoda,

“Siyazi ukuthi kwamanye amawadi bakhala ngogesi, imigwaqo yetiyela kanye namabhuluho siyathembisa ukuthi zonke lezingqalasizinda zizofakwa kodwa sidinga esinye isikhathi.”

Inhloko yoMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu esifundazweni uGreta Apelgren-Narkedien inxuse abantu ukuthi bangazidayisi izindlu zemixhaso kahulumeni.

“Uma senizitholile lezindlu siyanxusa ukuthi ningazidayisi ngamanani aphansi kodwa hlalani kuzo nizinakelele ngoba nisuke ninikwa indawo lapho ningakwazi ukukhulisela khona imindeni yenu.”

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

This site is protected by reCAPTCHA and the Google Privacy Policy and Terms of Service apply.

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.