Injabulo ethola umlenze wokufakelwa

2020-02-12 06:02
ISITHOMBE: lethiwe makhanyaUNkk Ntombifikile Magubane ngemuva kokuthola umlenze omusha wokufakelwa.

ISITHOMBE: lethiwe makhanyaUNkk Ntombifikile Magubane ngemuva kokuthola umlenze omusha wokufakelwa.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

NGEMUVA kwesikhathi eside ezama usizo lokuthola unyawo lokufakelwa, uNkk Ntombifikile Magubane ugcine esizakele.

Umlenze unikelelwe inhlangano i-APD Association for Physical Disability.

UNkk Magubane besekuphele iminyaka engaphezu kwemihlanu engenawo umlenze kulandelwa ukuhlinzwa kwakhe ngoba kuthiwa uphethwe ushukela.

Ekhuluma ne-Echo, uNkk Magubane uthe impilo yakhe yaqala ukushintsha ngonyaka wezi-2013 ngesikhathi evuvukalelwa unyawo.

Uthe waya esibhedlele e-Edendale base bemtshela ukuthi akukho abangamsiza ngako ngoba unoshukela ngako bayaphoqeleka ukuba bamusike unyawo kuze kufike edolweni.

“Kusukela lapho impilo ibingekho lula. Bengiloku ngihamba ngenqola enamasondo (wheelchair) kwesinye isikhathi ngihambe ngezinduku.

“Besekunesikhathi eside ngizama ukuthola usizo ngendaba yokuthi ngithole umlenze wokufakelwa kodwa ngahluleka.

Ngize ngasizwa amalunga ekomidi aku-Ward 17 ahambile angqongqoza ezindaweni ezahlukene ngabe sengikwazi ukuthi nami ngithole usizo,” kubeka yena.

Uqhube wathi ujabule kakhulu manje njengoba esenonyawo lokufakelwa ngoba usezokwazi nokuthi afake izicathulo zombili ayeke nokusebenzisa inqola enamasondo kanye nezinduku.

“Ngiyabonga kakhulu kubona bonke ababe nesandla ekutheni nami ngize ngisizakale. Nami sengizokwazi ukuthi ngihambe kahle ngokukhululeka.

“Okwamanje ngisazama ukuzijwayeza kodwa nginesiqiniseko sokuthi kungaka- 9pheli sikhathi singakanani ngizobe sengijwayele.”

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.