Injabulo isaguga sihlomula ngendlu

2019-11-06 06:00
ISITHOMBE: da brian photographyUgogo Bawinile Sibiya evula ngokusemthethhweni indlu yakhe ngokubambisana nekhansela lendawo uMnu Bhekabantu Zuma.

ISITHOMBE: da brian photographyUgogo Bawinile Sibiya evula ngokusemthethhweni indlu yakhe ngokubambisana nekhansela lendawo uMnu Bhekabantu Zuma.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ISAGUGA sasendaweni yaKwaPata sithi namanje asikakholwa ukuthi sesinendlu entsha nesesizokwazi ukuthi siyibize ngekhaya yena nabantwana bakhe.

UNkk Bawinile Sibiya (66) nobehlala endlini eyigumbi elilodwa namalunga omndeni wakhe ali-12 okubalwa kuwona izingane zakhe kanye nabazukulu, uhlomule ngendlu ayakhelwe abaphathi basenxanxatheleni yezitolo i-Greater Edendale Mall kanye nabanye abafake isandla.

Lendlu yakhiwe ngaphansi kohlelo olubizwa ngokuthi #actionagainstpoverty.

Lolu hlelo luqale ngenyanga kaNtulikazi(July) kanti luze lwaphothulwa ngenyanga eyedlule uMandulo.

Imenenja yakulenxanxathela uNks Sonya Caldecott uthe loluhlelo lokwakha indlu luza ngemuva kokuba ecele inhlangano yomphakathi asebenzisana nayo ukuthi itomule imindeni emithathu ehlwempu ukuze bezokwazi ukuyilekelela. Uthe ngemuva kokubona isimo ugogo Sibiya aphila ngaphansi kwaso babe sebenxusa abasebenzi babo nakhe nabahlali base-Zone 14 ukuba baphonse esivivaneni lokho abanako kanye ne-Edendale Electrical abanikele ngezinto zokufaka ugesi. Uthe babe sebehlangana baqoqa imali ukuze bezokwazi ukuthi bamakhele indlu.

“Lolu hlelo luthathe izinyanga ezintathu. Besingenayo ngisho imali ngesikhathi siqala lolu hlelo kodwa lugcine lukwazile ukuphumelela ngenxa yabantu akade bephonsa esivivaneni.

“[Siqoqe] nemibhede, izingubo, ukudla kanye nezinto zokudlala ukuze zizolekelela endlini entsha,” kubeka yena.

Uthe lolu hlelo alukakapheli njengoba besaqhubeka beqoqa izimali ukuze bezokwazi ukuthi bakhele lomndeni indlu yangasese entsha, indawo yokugezela kanye nezinye izinto zasendlini abazonikezelwa zona njengesipho sikakhisimusi.

UNkk Sibiya uthe : “Indlu ebesihlala kuyona ibincane kakhulu. Ngijabulile kakhulu ngoba nje abantu abali-12 behlala endlini eyodwa bekukubi.”

Indodakazi kagogo uNks Mabuyi Sibiya ithe indlu lena ekade behlala kuyona bebenzela konke phakathi.

“Besiphekela, sigeza silala khona la sonke. Bekungaphileki kahle ngoba bekukhona nezingane [zabafana] esezindala nokube sekuphoqa ukuthi uma ngabe sigeza bona kumele baphumele emnyango. Isimo besinzima njengoba nendlu lena ebesihlala kuyona isimo sayo besingalungile ngoba ibingena imvula uma ngabe linetha.

“Ekhaya akekho osebenzayo siphila ngemali kagogo yempesheni nayo enganele. Indlela ebesiphila ngayo besesiyamukelile nje,” kubeka yena.

Uthe bajabule kakhulu ngoba lendlu isizoshintsha izimpilo zabo njengoba nezingane zabafana sezizothola indlu.“Indlela esijabule ngayo kuvele kuhlengezele izinyembezi. Ngisafuna ukubonga nje kakhulu kulaba abasisizile. Impilo yethu nje ishintshile nje kakhulu.”

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.