Injabulo uhlelo luqokwa kowama-Crown Awards

2019-11-13 06:01
ISITHOMBE: sithunyelweUMfundisi Travor Phiswa nongumethuli wohlelo oluqokwe kuma-Crown Gospel Awards.

ISITHOMBE: sithunyelweUMfundisi Travor Phiswa nongumethuli wohlelo oluqokwe kuma-Crown Gospel Awards.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INJABULO uhlelo lomsakazo womphakathi uMgungundlovu FM luqokwa emcimbini wezindondo owaziwa ngokuthi ama-Crown Gospel Awards.

Uhlelo Sidumisa Inkosi luqokwe emkhakheni we-Best Gospel Community Radio Show.

Umcimbi wezindondo uzobe useThekwini e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre(ICC) mhla zingama-24 kuLwezi (November).

Umethuli walolu hlelo, uMfundisi Travor Phoswa webandla iGod’s Victory Family Church, uthe kuyisibusiso esikhulu ukuthi lolu hlelo luqokiwe emcimbini wezindondo omkhulu kangaka.

Ekhuluma ne-Echo uthe unethemba lokuthi le ndondo izobuya ize ekhaya ngosizo lomphakathi ukuba bavotele lolu hlelo.

“Ukuqokwa kwethu kulezi zindondo kuyakhombisa ukuthi lolu hlelo kukhona umehluko olwenzayo ezimpilweni zabantu abaningi kanye nabalaleli.

“Sijabule kakhulu kanti futhi sinethemba ukuthi umphakathi uzoseseka sikwazi ukuthi sibuye nayo lendondo.Ukuwina kwethu le ndondo kuzobe kungayona eyami futhi kuzobe kungayona eyohlelo nje kuphela okanye kodwa kuzobe kungeyomphakathi waseMgungundlovu wonkana. Ukuyiwina kwethu kuzosiza ukuthi kuphakame igama ledolobha lethu laseMgungundlovu ngoba phela lezi zindondo zinkulu kanti zidume umhlaba wonke,” kubeka yena.

UMfu Phoswa uthe usesakaze uhlelo lwezenkolo iminyaka engaphezu kweyishumi, kanti wake waqokwa kuzona lezi zindondo ngonyaka wezi-2011.

Uthe inhloso enkulu ngalolu hlelo alusakazayo ukubuyisa ithemba ebantwini kanjalo nokubakhuthaza ukuthi bangapheli mandla kukona konke abakwenzayo.

“Sifuna ukunikeza abantu ithemba ukuthi bazi ukuthi noma kungathiwa yini ababhekene nayo empilweni njengamanje, impilo iyaqhubeka kanti futhi kusazolunga uma ngabe bebeka ithemba labo eNkosini,” kubeka yena.

Ukuvotela lolu hlelo thumela umqhafazo othi: Crown 15, enombolweni ethi: 41872.

I-SMS ibiza u-R2 kanti kuvotwa noma ikangaki.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.