Inkinga yezisu ezichithekayo

2016-07-06 06:00

NAMUHLA sisephansi kwaso isihloko sendaba yokuphathwa kwezingane, sikhethe ukukhuluma ngendaba yezingane ezidlula zingekazalwa ngenxa yokuphuphuma noma ukuchitheka kwesisu. Lolu udaba olubaluleke kakhulu kumuntu onsundu waseAfrika.

Lubaluleke ngoba thina base Afrika sikholwa ukuthi umuntu akafi kodwa uyedlula aye kobabamkhulu lapho ephenduka ithongo khona. Lokhu okuyinkolelo yethu kusobala ukuthi sikuthatha kuye uMdali uqobo. Siphinde futhi sikholelwe ekuthini umuntu akabi umuntu nje ngoba esezelwe sesimbona ngamehlo. Kodwa umuntu ngokwase Afrika uba umuntu mhlazane noma ngesikhathi ehlala esibelethweni noma esiswini sikanina. (conception stage). Nakho lokhu uMvelinqangi uyakubalula ukuthi umuntu uba umuntu mhlazane ehlala esibelethweni sikanina.

Uyezwakala nasencwadini engcwele lapho ethi umuntu nomuntu umazi esiyihluli esiswini sikanina. “Amehlo akho angibona ngiseyihlule, zonke izinsuku zami zalotshwa encwadini yakho, zanqunywa, lungakafiki nolulodwa kuzo “. (Amahubo 139 vs 16). Lamazwi ka Nkulunkulu aveza ngokusobala ukuthi umuntu yisidalwa sakhe esibaluleke kakhulu futhi ukubaluleka kwaso kusuka phansi eseyihluli. Lokhu kuveza ukuthi asikho isigaba sempilo yomuntu esingabalulekile.

Ukuchitheka kwalelihluli kusho ingozi nokufa komuntu. Kusho isifo kulabo abaqondene naleso sisu. Laba kungaba uMama uBaba abafowabo nodadewabo balowo ochitheke eseyihluli esiswini. Uma kwenzeke lokhu kusuke kuvele isifo ekhaya.

Ukuqala kwenkinga.

Inkinga ke iqala lapho abantu abaqondene nalomuntu ochithekile bengakuthathi njengento eyindaba enkulu lokhu kuchitheka kwesisu. Iqhubeke lapho bengaqondi ukuthi lomuntu ochithekile uyadlula adlulele koyisemkhulu. Udlula nje naye njengomuntu uyakhula. Ukhula nje naye unezidingo zonke zabantu. Udinga uthando nokunakekelwa njengazo zonke izingane zalapha ekhaya. Phela naye ukhona phakathi komndeni walapha ekhaya. Ukunganakwa kwakhe yikho kanye okudala izinkinga nodungunyane.

Enye inkinga idalwa ukuthi abalapha ekhaya abakuthathi njengesifo ukudlula komuntu ngaloluhlobo. Uzwe bethi “Hhayi kwenzeka kona , kodwa zazisephansi kakhulu izinyanga, kwakungakabi muntu”. Cha akukho lokho. Umuntu umuntu nje. Lokucabanga kwenza ukuthi abantu bahlale behamba nethunzi nesinyama sesifo. Babenjengabantu abangahlambulukile. Uma - ke uhamba nesinyama sesifo yini ezokulungela empilweni yakho. Lokhu kuqondana nomama balezi zingane ikakhulukazi.

Ngesikhathi kwenzeka lokhu kuchitheka kuningi okwenzekayo empilweni yalona wesifazane okumngcolisayo. Manje uthole ukuthi umuntu uqhubeka nempilo ngaphandle kokuhlanzwa agezwe yena uqobo lwakhe. Noma lokhu kungeze kwathathwa njengesifo somuntu omdala, noma obesephilile lapha emhlabeni kodwa kuhle kwazeke ukuthi isifo, kugcinwe lokho okufanele.


Hlul’oluhlulayo
Pietermaritzburg

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.