INkosi Buthelezi iphawula ngolwase-Msunduzi

2019-05-01 06:00

INHLANGANO iNkatha Freedom Party (IFP) yethule usomqulu(manifesto) wayo eMgungundlovu nalapho kade inxusa khona amalunga ayo ukuba ayethembe uma ngabe eseye kovota okhethweni lukazwelonke oluzoba mhla ziyi-8 kuNhlaba (May).

Le manifesto yethulwe eWinston Churchill eScottsville nalapho amalunga e-IFP ebephume khona ngobuningi bawo ukuzokwethamela ngesikhathi umongameli wayo le nhlangano iNkosi Mangosuthu Buthelezi ezokwethula inkulumo yakhe.

UButhelezi utshele abalandeli balenhlangano akade bezolalela ukuba esikhathini esiyiminyaka eli-10 iqembu elibusayo lehlulekile ukulawula uMasipala uMsunduzi kwaze kwafika ekutheni uze ufakwe ngaphansi kwehlo lomlawuli kabili.

“Sekungokwesibili eminyakeni eli-10 uhulumeni wasekhaya kwale kancane ukuthi kwaze kwadingeka ukuba kungenelele ungqongqoshe.

“Kumanje lo masipala unezikweleti zemali engu-R3 billion.

“Ngesikhathi kwenzeka loku okokuqala umasipala ufakwa ngaphansi kwehlo lomlawuli akekho okwaqondiswa kuyena kwathiwa yiphutha lakhe. I-Pietermaritzburg Chamber of Business yathi akekho umuntu owachaza ngezinqumo ezingalungile ezagcina ziholela ekutheni umasipala ube sesimweni esinje.

“Ngamanye amazwi kuchaza ukuthi ayikho into eyenziwa ukuthi kuvinjwe ukuthi umasipala ungasafakwa ngaphansi kweso lomlawuli,” kusho yena.

Uqhube wathi ukungaphathwa kahle kwalo masipala kanye nokuthatha izinqumo ezingalungile yikhona okuholele ekutheni lo masipala ugcine usubishe ezinkingeni zezimali.

Uthe ukufakwa kwalo masipala ngaphansi kweso lomlawuli angeke kuze kube nomthelela omubi ekulethweni kwezidingo zomphakathi ngokushesha kodwa kuzoba nomthelela omubi futhi nasekuthuthukeni kanye nokukhula komnotho waseMgungundlovu.

“Uma ngabe ufuna ukutakula umnotho waseMgungundlovu qala ngokuthi utakule idolobha kuqala, ungavoteli ubuholi osebehlulekile. Njenge-IFP sizokwazi thina ukubuyisa inani kanye nezimiso zobuholi bakulesi sifundazwe,” kubeka yena.

Inkosi Buthelezi iyalele abalandeli akade begcwele ihholo ukuba bethembe iqembu le-IFP ukuba lizokwenza ushintsho uma ngabe belivotela.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.