Intombazane izithungele ngomlilo yashona

2019-08-14 06:00
isithombe: internet

isithombe: internet

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

USASHAQEKILE umphakathi wasendaweni yaseMbutshane eSweetwaters kulandela isigameko sentombazane ezithele ngoparaffin yabe isizokhela ngomlilo.

UNks Nothando Mchunu kuthiwa uzithungele ngomlilo ngoMgqibelo ebusuku mhlaka -3 kuNcwaba (August) ngezikhathi zehora lesikhombisa.

I-Echo ithole ukuba ngesikhathi uNothando esegqamuka amalangabi elinye ilunga lomndeni lizamile ukumcisha kodwa nalo lagcina selithungeleka ngomlilo labe seliphuthunyiswa esibhedlela liyokwelashelwa amanxeba okusha.

Nakuba kungakacaci ukuthi kungani uNothando ezithungele ngomlilo, umthombo we-Echo osondelene nesigameko uthe nabo basathukile futhi abakakholwa into abayibonile. Uthe uNothando ubeyingane ekhululekile bebengazitsheli ukuthi usengenza into eyisihluku kangaka.

“Ngifike esecishile mina kodwa into engiyibonile angisoze ngiyikhohlwe. Izimpahla abezigqokile zishe zonke zaphelela kuyena. Inyama yakhe emzimbene ibibhicika amazinyo kuphela nje akade esele ebonakala. Ngesikhathi ngifika kuyena ubesakhuluma sebemucishile kodwa ngoba ubegcwele nenhlabathi esifubeni nengisola ukuthi bebemucisha ngayo. Ngizamile ukumbuza ukuthi kungani enze lento ayenzile kodwa angizage ngiyithole impendulo.

“Indlela akade eshe ngayo ubengasabambeki ebhicika sekungumuntuosongwe ngeshidi lombhede,” kubeka wona.

Uqhube wathi ngemuva kwalesi sigameko kunzima nokuthi alale ebusuku ngoba kusanesithombe sento ayibona ngosuku lwesigameko.

“Angikaze ngiyibone into enje impilo yami yonke kangangokuba namanje kusanzima nokuthi ngilale ebusuku. Ngosuku lwesigameko ngaze ngacela abangani bami ukuba bafike bazongilalisa ngoba ngisaba kungalaleki.

“Namanje njengoba kuqhubeka isikhathi angazi ukuthi ngizolala kanjani ngoba asipheli isithombe sento engayibona emehlweni ami. Namanje ngiyazibuza ukuthi kungabe yini eholele ekutheni aze enze into ebuhlungu kangaka, “kubeka yena.

Elinye ilunga elisondelene nesigameko lithe nakuba lona lalingekho ngesikhathi kwenzeka isigameko kodwa into ayizwile iyethusa.

“Angazi nami kahle ukuthi yini ebangele ukuba aze enze lento ayenzile nokuthi [yini] lena ebeseyimudine kangaka. Ubezikhululekele lomuntu enomsindo ehleli ezihlekela. Sibuhlungu kakhulu ngentoyenzekile.”

I-Echo ihambele lo mndeni ngoMsombuluko ngenhloso yokuthola ukuthi kungabe kwenzekeni kodwa awuzange uthande ukuphawula ngesigameko esenzekile.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.