Intombi nto ikhale yemuka nendondo

2019-11-20 06:01
ISITHOMBE: sITHUNYELWEIntombi nto uMadipuo Molefe owine indondo.

ISITHOMBE: sITHUNYELWEIntombi nto uMadipuo Molefe owine indondo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ITSHITSHI laseMgungundlovu uNks Madipuo Molefe ukhale wemuka nendondo emcimbini owaziwa ngokuthi i-KZN Capital Maskandi Awards obuse Thornville muva nje.

UNks Molefe (25) uwine emkhakheni we-Best Intombi Ehlolwayo.

Lo mcimbi bekungokwesihlanu wenzeka kulonyaka.

Ekhuluma ne-Echo uthe ujabule kakhulu ngokuhlomula kwakhe ngalendondo.

“Bekungokokuqala ukuthi ngiqokwe emcimbini walezi zindondo kanti kuyangijabulisa kakhulu ukuthi ngigcine ngikwazile ukuthi nginqobe.

“Ngiyaziqhenya kakhulu ngami kanye nobuntombi bami kanti futhi ngiyafisa ukuqhubekela phambili ukuze ngizokhuthaza nezinye izintombi ezincane ezisakhula,” kubeka yena.

UNks Molefe oseqede iminyaka eli-11 ehlolwa uthe okumgqugquzela kakhulu ngokuziphatha kahle kwakhe iziyalo azithola konomehlo kanye nezimfundiso azithola ngesikhathi eyingxenye ye-Indoni Cultural School.

“Le ndondo izongigqugquzela kakhulu ukuthi ngiqhubeke nokuziphatha kahle ukuze nezinye izingane zizobonela kumina.

“Ngiyakuthanda vele ukuhlolwa, kuyinto engazikhethela yona ukuthi ngithi ngiyafuna ukuyenza. Ngifuna ukusebenzisa leli thuba ukuba ngingqugquzele nabanye abafuna ukuhlolwa ukuba bangasabi kodwa bakwenze. Ngicela ukuthi abantu bangivotele ukuze ngizokwazi ukuthi ngiwine lendondo.”

Uqhube wathi nakuba bekungokokuqala eyingxenye yalomcintiswano wezindondo uyakholelwa ekutheni kuningi angakwenza ukuletha ushintsho emphakathini kanye nasekugqugquzeleni amatshitshi asakhula.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 

Matric Results are coming soon!

Notify me when results become available

This site is protected by reCAPTCHA and the Google Privacy Policy and Terms of Service apply.

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.