Inzima impilo kolinde indlu yomxhaso

2019-08-28 06:02

OWESILISA wasendaweni yakaZayeka eSweetwaters uthi akasazi ukuthi kumele enze njani ukuze naye ezokwazi ukuthi athole indlu yomxhaso.

UMnu Dumisani James Mabaso (57), ohlala endlini yodaka enamagumbi amabili, uthi wabhalisela indlu yomxhaso ngonyaka wezi-2013. Uthi ngonyaka wezi-2015 kwafika abantu bezomunikeza inombolo yendlu yakhe base bemutshela ukuthi bazobuya sekuzokwakhiwa indlu, kodwa kuze kube imanje akakaze ayithole indlu.

“Impilo inzima ngoba nendlu lena engihlala kuyona ayikho esimweni esigculisayo. Uma ngabe kunetha ingena imvula kumele ngifake o-plastic ukuvimba imvula, kodwa noma kunjalo nje iyaqhubeka iyangena. Uma ngabe kade linethile ngosuku olulandelayo kumele ngikhiphe izimpahla endlini ngoba zisuke zimanzi,” kubeka yena.

Uqhube wathi okwenza isimo sibe nzima kakhulu ukuthi akasebenzi nokwenza angakwazi ukuthi azame ukulungisa yona indlu lena ahlala kuyona.

“Ngiphila ngamatoho engiwathola emzini yabantu kwesinye isikhathi nakhona ngibuye ngingawatholi kuze kungiphoqe ukuthi ngilale ngingadlile kwezinye izinsuku. Angiholi ngisho impesheni ngoba iminyaka yami ayikakangivumeli.

“Into engiyidingayo nje ukuthi nami ngikwazi ukuthi ngithole indlu yomxhaso ngiphile ngokukhululeka.

“Ngisabela ngisho impilo yami ukuthi ngelinye ilanga kuyofika izimvula ezinkulu ivele iwe lendlu.

“Abantu engabhalisa kanye nabo bona sebazithola izindlu mina angazi ukuthi kwenzakalani ngami,” kuqhubeka yena.

Ikhansela lakule ndawo, uMnu Sbusiso Mtshali, ukuqinisekisile ukuthi uMnu Mabaso wayibhalisela indlu yomxhaso kahulumeni yonke into yaphumeleliswa. Uthe uMnu Mabaso uzokwakhelwa indlu kodwa kusamele aqinisekise ukuthi wabhalisa ehlala kuphi.

NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.