Inzima impilo kongayitholi indlu yomxhaso

2019-07-10 06:01
UMnu Bonga Zuma okhala ngokungayitholi indlu yomxhaso.ISITHOMBE:lethiwe makhanya

UMnu Bonga Zuma okhala ngokungayitholi indlu yomxhaso.ISITHOMBE:lethiwe makhanya

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INZIMA impilo kowesilisa wasendaweni yaseSweetwaters nothi sekuphele iminyanga engaphezu kweyisihlanu abhalisela indlu yomxhaso kodwa kuze kube imanje akakayitholi . UMnu Bonga Moses Zuma (60) uthi seloku abhalisela indlu yomxhaso ngonyaka wezi-2012. Uthi akazi ukuthi yini inkinga ebambe ukuba yena angayitholi indlu yomxhaso.

“Ayikho into engake ngatshelwa yona ngokuthi yini inkinga . Abantu laba abakha izindlu zomxhaso bafika ngonyaka wezi-2017 bathi bazobheka abantu ababhalisela izindlu zomxhaso kodwa bangazithola. Bangitshela ukuthi isabelomali sasingekho ngaleso sikhathi kodwa bathembisa ukuthi bazophinde sesizokwakhelwa kodwa kuze kube imanje abakaze babuye,” kubeka yena.

UMnu Zuma ohamba kanzima njengoba wanqunywa umlenze owodwa eminyakeni eyisithupha eyedlule uthi impilo inzima kuyena njengoba nendlu ahlala kuyona ingaphephuka noma inini uma ngabe kungafika umoya omkhulu. Indlu ahlala kuyo yakhiwe ngodaka inamagumbi amathathu abahlala kuyona nezingane zakhe kanye nabazukulu.

“Ngihlalele ovalweni ngoba ngisho nezibonda zophahla nazo sezibolile zingawa nanoma inini. Ngisho amawindi imbala amanye asevalwe ngamakhalibhothi ngoba konke sekugugile. Iyavuza phezulu ingena imvula kanti naseceleni futhi isiwile ngenxa yomoya omkhulu oke waba khona. Impilo ayimnandi kona impela njengoba ngihlala kulendlu. Anginawo amandla okuthi ngingakwazi ukuqala phansi ngakhe indlu njengoba sengiwumuntu onomlenze owodwa. Nemali yesibonelelo sikahulumeni nayo ayanele ukuba ingakwazi ukuthi ingisize ngakhe enye indlu ngaphandle kwale engihleli kuyona,” kubeka yena.

Uthe okubuphatha kabi kakhulu ukuthi abantu abhalisa kanye nabo bonke sebazithola ezabo izindlu zomxhaso kodwa esakhe isicelo sokuthola indlu asiphumeleli.

“Sezitholwa ngisho nangabantu ababhalisa ngemuva kwami kodwa mina angazi kungani ngingayitholi. Ngiphatheke kabi kakhulu. Impilo inzima ngempela ikakhulukazi njengoba senginomlenze owodwa. Into engiyidingayo nje ukuthi ngakhelwe indlu yomxhaso. Ngingajabula kakhulu ukuthi nami ngikwazi ukuthola indlu yokuhlala esesimeni esigculisayo nje kuphela.” Imizamo yokuthola okhulumela uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu uMnu Mbulelo Baloyi iphunzile kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

NEXT ON NEWS24X

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.