Inzima impilo kowaseNhlazatshe

2018-10-10 06:04
UNks Mathabo Paulina Mofokeng. ISITHOMBE: lethiwe makhanya

UNks Mathabo Paulina Mofokeng. ISITHOMBE: lethiwe makhanya

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

SESIPHILA ngokudla esikuphiwa omakhelwane kanye nebandla isaguga saseNhlazatshe ngemuva kokuba salahlekelwa yikhadi laso lomholo kanye nomazisi waso ezinyangeni ezine ezedlule.

UNkk Mathabo Paulina Mofokeng (86) nongasakwazi ukuhamba kahle ngenxa yokuguga uthi akazi ukuthi umazisi wakhe walahleka kanjani ngoba wawugcina ewubeke endlini yakhe enamagumbi amabili.

Uthi seloku kwalahleka lezi zinto zakhe ezibalulekile impilo inzima njengoba engenaye ngisho umuntu ongamusiza ukuba akwazi ukuthola umazisi omusha.

“Ngihlala ngedwa sengisizwa abantu besonto abafikayo njalo bezongibheka lana bangilethele nokudla njengoba ngingasayitholi nemali yesibonelelo sikahulumeni. Kuke kuphele izinsuku ezine ngingadlile, ngivuke ekuseni ngihlale usuku lonke kuze kushone ilanga ngoba ngisuke ngingenayo into engizoyidla.

“Ibuhlungu kakhulu le ndlela esengiphila ngayo uma nje ngingathola umuntu ongangisiza ukuthi ngikwazi ukuyoshaya umazisi wami eMnyangweni wezaseKhaya ngiphinde ngikwazi nokushaya ikhadi lami lesibonelelo ngingajabula kakhulu. Impilo yami ingaba ngcono ngoba ngingakwazi nokuzithengela ukudla lapha endlini,” kubeka yena.

Nakuba indaba kamazisi kanye nekhadi kuyiyona inkinga enkulu ebhekene noNkk Mofokeng, uphinde waveza ukuthi njengoba ehlala yedwa ekubeni esemdala kangaka akazizwa ephephile.

“Sekunesikhathi lapho abantu befike bakhipha khona into yokukhiya umnyango ukuze ngingasakwazi ukuwukhiya. Ngizamile ukuthenga nengidi yesango lasemnyango kodwa ukhiye wakhona nawo uvele walahleka esikhaleni ngasala nengidi yodwa angazi ukuthi ubani okuntshontshile.”

Amalunga ebandla i-St Martin Anglican Church endaweni yase-Edendale nokuyiwona asiza kakhulu ugogo athi kubaphatha kabi ukumbona ehlukumezeke ngale ndlela.

“Senza konke okusemandleni ukuthi sihleli sithola isikhathi sokuthi sihambe siyovakashela ugogo simuphe nokudla siphinde simuhlanzele nendlu yakhe.

“Siphatheke kabi-ke kodwa ngesimo aphila ngaphansi kwaso ikakhulukazi ngoba uhlala yedwa. Ukuphepha kwakhe futhi akuqinisekisiwe njengoba nokhiye bakhe bokukhiya endlini behleli belahleka,” kubeka bona.

Baphinde baveza ukuthi kwayona le ndlu enamagumbi amabili ahlala kuyona uNkk Mofokeng wayakha ngemali yakhe yempesheni njengoba kade engenayo indawo phambilini.

Okhulumela uMyango wezokuThuthukiswa koMphakathi uNcumisa Ndelu uthe bazothumela usonhlalakahle ukuba ayohlola isimo.

“Ukubheka leyo miphumela yokuhlola ugogo uzothathwa ayohlaliswa ekhaya elimfanele,” kubeka yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.